ABANTU abahambela imishado nemicimbi eyahlukene KwaZulu-Natal muva nje, babe nomthelela wokwandisa isibalo sabantu abahaqeke ngeCovid-19 kulesi sifundazwe.
Ubeke kanje uMnuz Sihle Zikalala onguNdunankulu wakulesi sifundazwe ngeSonto ngenkathi echaza ngokusha okuthinta leli gciwane kulesi sifundazwe.
“Laba bantu abayilandelanga imithetho okumele igcinwe yokuphepha kwiCovid-19,” kubalisa uZikalala.
Uthe bangu-25 abantu kulabo ebebehambele imicimbi esibaliwe okuyimanje sebeyingxenye yabanaleli gciwane.
“Ubumnandi abupheli bakwethu. Sisazojabula noma ngabe iCivid-19 isidlulile,” kuxwayisa yena.
Ngesikhathi sokuloba, uthe bangu-280 abantu asebebulawe yiCovid-19 kulesi sifundazwe, kanti esikhathini esingangesonto, lesi sifundazwe kufe kuso abantu abayisishiyagalolunye.
NgokukaZikalala, uMgungundlovu yiwona osudlula iLembe ebelihamba phambili ngokuhaqeka kwabantu kulesi sifundazwe.
Ngokwezibhedlela, uthe ezizimele zamukela u-73% weziguli, besekuthi ezomphakathi zona zamukele u-23%.
Abantu besilisa eThekwini, uthe yibona okwamanje abaningi ngokubulawa yileli gciwane ngo-55%.
Abesifazane abaneminyaka engu-81 ukuya phezulu, uthe yibona abadlula kakhulu emhlabeni kule ndawo.
“Noma kunjalo asikafiki esikhathini lapho esingathi khona asisenazo izinsiza esingangenelela ngazo,” kusho uZikalala.
Mayelana nesibalo sothisha nabafundi asebehaqwe yileli gciwane, uthe isibalo sesenyuke safika ku-873.
Udlulise ukudabuka kwakhe ngokusanda kwenzeka kulesi sifundazwe ngokudlula emhlabeni kobengumkhulumeli we-ANC uMnuz Richardo Mthembu, nokudlula emhlabeni kukaQueen Noloyiso Sandile obengudade wabo weSilo uZwelithini kaBhekuzulu.
“Sisazikhotha amanxeba ngalokhu futhi sidlulisa ukudabuka nakuyo yonke imindeni elahlekelwe ngenxa yeCovid-19,” ubeke kanje uZikalala.