KUZOHLONYISWA abafundi ngolwazi oluthinta imikhakha enhlobonhlobo yemisebenzi embukisweni wemisebenzi, iCareer Guidance Workshop and Exhibition ngoMgqibelo, KwaMashu, eThekwini.
Lo mcimbi ohlelwa yibandla lamaSheshi i-Ekuvukeni Anglican Church, uzohanjelwa yizikhungo zemfundo ephakeme iMangosuthu University of Technology, i-South African Maritime School & Transport College, i-Elangeni TVET College , iGodigital SA neDT Nursing School.
Bazobe bekhona nabamele isikhwama sikahulumeni esixhasa abafundi, iNational Student Financial Aid Scheme (iNSFAS).
Usihlalo wekomidi lezemfundo Ekuvukeni, uNksz Nozipho Nene, uthe lolu suku luhlelelwe ukwelekelela abafundi nabazali ukuze bahlome ngalo lonke ulwazi abaludingayo ukwenza izinqumo eziphusile ngemikhakha abazongena kuyo uma sebephothule isikole.
“Umsebenzi webandla awugcini ngokunakekela izidingo zomphefumulo, yingakho siyibandla laseKuvukeni sinezinhlelo ezifana nalezi ngoba kukhona abafundi abasesezikoleni, asebaphothula isikole nalabo abathe beqeda isikole kodwa bangakwazi ukuyofundela umsebenzi. Lo mbukiso uhlelelwe bona.
“Simema nabazali ngoba nabo bayadingeka kwazise yibona abaseka abafundi kakhulu. Sifisa nokuthi labo abahlezi emakhaya ngoba bengenzi lutho babuyelwe ithemba ngenxa yolwazi oluzobasiza babone ukuthi bangaphuma bashone ngaphi. Akulula ngalesi sikhathi esiphila kusona ngoba imisebenzi iyashoda ezweni lethu,” kusho uNksz Nene.
Yize lo mbukiso uhlelwe yileli bandla laseSheshi kodwa awenzelwe abafundi abakhonza kuleli bandla kuphela, wenzelwe bonke labo abakhele le ndawo okuthiwa yi-Ink area ehlanganisa Intuzuma, Inanda naKwaMashu. Nabafundi abangahlali kulezi zindawo kodwa abafisayo ukuza bavumelekile.
UNksz Nene uthe okunye okuzogxilwa kukho kulo mbukiso, ukufundisa nangemisebenzi emisha esikhona ngenxa yobuchwepheshe besimanje kanjalo nokuthi lena emidala yona ithinteka kanjani.
“Siphila esikhathini se-4th Industrial Revolution futhi kwamanye amazwe sekuqale ne-5th Industrial Revolution. Siphila esikhathini se-artificial intelligence, zonke lezi zinto zinesandla endleleni imisebenzi esiyenziwa ngayo. Sizobachushisa abantwana ukuthi yini okufanele bayiqaphele ngoba akusizi nokufundela amakhono umnotho ongasawadingi,” kwengeza uNksz Nene.
Kungenwa mahhala kulo mbukiso oqala ngo-8 ekuseni.