KUPHAZAMISEKE ukufunda esikoleni sasePinetown, iWyebank Secondary, ngesikhathi abafundi bevuka umbhejazane, behlasela imoto kathishanhloko nempahla yesikole ngamatshe izolo. Ngokusho komthombo kuphoqelekile ukuba othisha basheshe bakhiphe abafundi ngoba abafundi bese begane unwabu.
“Abafundi bathukutheliswe ukukhushulwa kwezinga lezokuphepha esikoleni.
Abafundi babhikishe ngaphandle kwesango esisikoleni, bacekela phansi ingqalasizinda, baphinde baphihliza imoto kathishanhloko esikoleni. Lolu thuthuva lususwe ukuthi abafundi bathi abafuni ukugadwa njengeziboshwa,” kusho umthombo ocele ukuba igama lawo lingavezwa.
Abafundi abakhulume neSolezwe bathe abazona iziboshwa, abafuni ukugadwa, bathe basesikoleni abekho ejele.
Unogada wakwa-Omega Security Services, uMnuz Lindokuhle Shezi ogada kulesi sikole, uthe abafundi balwa nokuthi uthishanhloko wengeze onogada esikoleni ngenxa yokuthi abafundi abafuni ukungena esangweni lesikole ngesikhathi esifanele njalo ekuseni.
“Bama ngaphandle kwamasango, baxoxe, abanye babheme,” kuchaza uShezi.
Uthishanhloko nelungu lesigungu esilalwula isikole abafunanga ukuphawula ngalolu daba, bathi balinde umnyango wezemfundo.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe bafuna ukuxwayisa bonke abafundi abacekele phansi ingqalasizinda yesikole.
“Abafundi kumele engabe basebenza kanzima balungiselela ukuhlolwa okuzayo, hhayi ukuthi bacekele phansi izinsizakufunda, ezizosiza ikusasa labo.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe bavule icala lokulinyazwa kwempahla ngemuva kokuthi abafundi belimaze imoto kathishanhloko.