ISUKUNYISWE ukukhathazwa yindlela izingane eziziphatha ngayo uma zifika emabangeni aphezulu ezikoleni inhlangano engenzi nzuzo, iLinzwa Foundation esungule inkundla yokuxoxa nezingane KwaDlangezwa.
Umsunguli wenhlangano uNksz Lindiwe Dube, uthe bese kungokwesibili, beqoqela ndawonye izingane zakule ndawo baxoxe nazo ngezinto ezahlukene.
Uthe izingane abakhuluma nazo yilezo eziyoqala emabangeni aphezulu, bazicija ngalokho okufanele zikulindele uma zifika emhlabeni omusha.
“Ezikhathini eziningi uthola ukuthi ingane ibikade eziphethe kahle, uma ifika kwaGrade 8 ishintshe, yenze izinto ezimbi okukhona kuzo ukubhema izidakamizwa, ukuphuza utshwala, ukuzibandakanya ebudlelwaneni bezothando nokuya ocansini isikhathi singakashayi, phakathi kwezinye,” kusho uNksz Dube.
Uthe bavame ukuthi le nkundla yokufundisa nokucobelelana ngolwazi bayenze uma kuqala unyaka ngaphambi kokuthi kuvulwe izikole kanti kulokhu bebeyenze yaba yizinsuku ezintathu, yaqala ngoLwesithathu yaze yaphela ngoLwesihlanu olwedlule.
“Ngosuku lokuqala sibize izazi zemfundo ezehlukene ukuthi zizoxoxa nabo mayelana namathuba omsebenzi nokuthi yiziphi izifundo abangazenza baphinde bakhunjuzwe ukuthi kumele basebenzise yona imfundo ukuthuthukisa amathalente abo, baziphilise ngawo,” kusho yena.
Uthe ngosuku lwesibili, babaqwashise ngezinto ezehlukene eziyisihlava entsheni, babaqwashisa ukuthi ukuzibandakanya kuzo kungaholela ekutheni bagcine bengalibonanga ikusasa eliqhakazile.
“Lana sibize abantu abehlukene abangenile kulolu gibe, kwashabalala ikusasa labo ukuze zibone izingane ukuthi uma uphambuka endleleni ugcina unjani,” kusho Nksz Dube.
Uthe phakathi kwabantu abababizile, yilabo ababizwa ngamaphara, abafike bazozigqugquzela izingane ukuthi ziqinisekise ukuthi azigcini ziba ngamaphara nazo.
Ngosuku lwesithathu, uthe baziqwashise ngalokho okufanele zikulindele uma zifika e-high school kwazise bese zijwayele impilo yase-primary.
Uthe zingu-138 izingane ezihambele le nkundla kanti babona ikhule ngamandla uma beyiqhathanisa naleyo abayenza nyakenye ngesikhathi beyisungula.
Uthe banesifiso sokuthi ngelinye ilanga, isimame futhi ikwazi ukuhambela nakwezinye izifunda ngoba izingane ziyadinga ukukhalinywa ngezihloko ezahlukene ekukhuleni kwazo.