Izindaba

Kucishe kwavalwa ngehlahla emndenini wakwaKhanyile eNkandla kudutshulwa inqwaba ejoyintini

Charles Khuzwayo , Nokubongwa Phenyane and Zimbili Vilakazi|Published

Amaphoyisa ekhipha izidumbu zabadutshulwe eshibhi elisehhostela iSaulsville

Image: Oupa Mokoena/Independent Newspapers

KUCISHE kwavalwa ngehlahla emndenini wakwaKhanyile eJokweni, eNkandla, kudutshulwa inqwaba esigamekweni esenzeke ehostela iSaulsville, ePitoli, ngoMgqibelo.

Kulesi sigameko umndeni wakwaKhanyile ushonelwe yizihlobo ezintathu ezisencane, kwalimala kanzima abadala abayisithupha. 

Ezihlotsheni zalo mndeni ezishonile, kukhona intombazane u-Elihle Khanyile (16), umfana uBonga Khanyile (15) nomfana oneminyaka emithathu igama lakhe elingatholakalanga.

Isihlobo, uNksz Nikeziwe Manqele, sithe lapho okwenzeke khona isigameko bekuhlala izihlobo zakhe, esisodwa sibuye sidayisele utshwala ngaphakathi.

“Yikho bekuhlangenwe khona, abanye bephuza, kuphinde kube khona nezingane ngoba bezihlala khona nazo,” kusho uNksz Manqele.

Uthe ngokuthola kwabo esihlotsheni obekuyindawo yaso le okwenzeke kuyo isigameko, abanaso isiqiniseko sokuthi bebebangaki abahlaseli njengoba abanye bephelele lapho obekukhona khona abantu abaningi, kwathi oyedwa wadlulela ekamelweni.

Bangu-25 abadutshulwe eSaulsville ngokusa kwangoMgqibelo

Image: Leon Knipe

“Lo odlulele ekamelweni wuye  odubule udadewethu ongumnikazi wendawo ngoba bese elele embhedeni. Uphinde wadubula kwafa izingane ebezicashe ngaphansi kombhede,” kusho uNksz Manqele.

Uthe u-Elihle noBonga, umsolwa ubacinge khona ngaphansi kombhede lapho ebebethi bazama ukucasha khona.

“Oyedwa wabo kuthe ethi uzama ukudonsela ingane (3) ngaphansi kombhede, lona wesilisa wabuza ukuthi yini ayidonsela yona, wavele wayidubula nayo,” kusho uNksz Manqele.

Uthe uma ebalandisa udadewabo uthe yena uvuswe wukuqhuma kwezibhamu obekwenzeka egunjini obekuphuzelwa kulo, wasukuma wahlala ngesinqe.

“Yilapho okungene khona lona wesilisa wathi bayaxolisa kahle hle abafuni bona, esho edubula,” usho kanje.

Uthe udadewabo uze wambuza owesilisa ukuthi uma engafuni bona pho kungani eqhubeka ebadubula nokho kuthiwa akazange esaphendula, uvele waqhubeka nokudubula.

UMKHUZI wamaPhoyisa, uGeneral Fannie Masemola uthe bazobabamba ngokushesha abasolwa

Image: SAPS

Uthe njengoba bengabokudabuka eNkandla, bonke baseGauteng ngokwamatoho ngoba abazali abasekho. Uqhube wathi bazokwehla baye khona njengoba umngcwabo uzobanjelwa khona eNkandla. 

Uthe namanje basadidekile ukuthi yini izihlobo zakhe ezihlaselelwe yona njengoba abasolwa bengazange bachaze lutho.

Uthe nodadewabo onendawo yokuphuza uveze ukuthi azikho izitha azaziyo ebezingafuna ukumcekela phansi ngalolu hlobo. Uthe uzwakalise eyokuthi uma ephuma esibhedlela, angahle athuthe unomphelo, abhekise amabombo ekhaya eNkandla.

UMkhuzi wamaPhoyisa, uGeneral Fannie Masemola, ehambela indawo yesigameko izolo ufanise isigameko njengesinye sezinkulu ezike zenzeka nonyaka.

Uqinisekise ukuthi kuvulwe amacala angu-12 okubulala, bese kuba angu-13 okuzama ukubulala njengoba kudutshulwe kwalinyazwa abayilesi sibalo.

“Silandela umkhondo wabasolwa abathathu okuthiwa benze lo monakalo,” kusho uMasemola.

Uphinde waveza nokuthi bamvulele icala nomnikazi wendawo njengoba ebedayisa utshwala ngaphandle kwemvume. 

“Sisaphenya imbangela yesehlo, kukhona esikusolayo ukuthi kungahle kube yikho okuholele esigamekweni kodwa ezobunhloli zisaqoqa yonke imininingwane,” kusho uMasemola, othe bazobabamba abasolwa esikhathini esifishane. 

Uthe ngaphansi kwesiteshi i-Atteridgeville le ndawo esakhele, sebevale izindawo zokucima ukoma ezingekho emthethweni ezingu-101 kusuka ngo-Ephreli 1, 2025.