KUZOQOSHWA iziqephu zethelevishini zohlelo locansi olingaconsi phansi kubafundi baleli phephandaba. ILawu likaMaGumede elizokwethulwa uDistance Gumede lizoqoshelwa Ekhaya Guest House eBallito, eThekwini kusukela ngoJanuwari 29 bese likhonjiswa kwiMpumalanga Broadcast Television (MBTV) etholalaka ku-504 kwiStarsat .
UNomsa Qwabe Coutaud ongumnikazi walesi siteshi uthe kuzobe kukhulunywa ngezihloko ezahlukene eziphathelene nocansi. Lolu hlelo okulindeleke luqale ngoMashi 6 ngokusho kukaNomsa, luzogxila kwezocansi ebudlelwani nakumuntu uqobo. "Asizokha phezulu izihloko kodwa sizokhuluma sigxile ngezinto abantu abaningi abangakhulumi ngazo. Sizobheka ukuthi ucansi lungamsiza kanjani umuntu nemiphumela yalo emihle kubantu,"kusho uNomsa.
Eqhuba uthe uhlelo lokuqala bahlele ukulivula ngoMusa Mseleku wodumo lwesithembu, nokuzohambisana nesifundo kubantu. UNomsa uthe bahlose nokusiza kuphenduleke nemibuzo okungenzeka ukuthi abantu abaningi banayo ngempilo yasekamelweni yabantu abasesithenjini. Ngaphandle kwakhe uMseleku kuzofakwa nezinye izihloko ezizosiza nemndeni esenabazali abangakwazi ukuvuleleka bafundise intsha ngocansi.
"Sihlose nokufundisa intsha ngokubaluleka kocansi kumuntu nokuthi kuhambisana namiphi imiphumela ngokwengqondo, emphefumulweni nasenyameni. Siyazi imvamisa uma kukhulunywa nentsha kugqugquzelwa ukuzithiba kuphela kodwa kulabo esebekhulile bazofunda ngokungabasiza nasebudlelwaneni bezothando, emsebenzini nasekhaya,"kusho uNomsa.
UDistance uthe konke sekumi ngomumo ngasohlangothini lwakhe futhi usekulungele ukuqopha lolu hlelo emuva kwezivumelwano abenazo nabanikazi balesi siteshi. Yize Ilawu likaMaGumede likhula ngesivinini kodwa nokuthola ithuba lokufundisa bukhoma kuthelevishini ngezocansi kuyamjabulisa uDistance. Lolu hlelo uthe uvumele phezulu ukulenza ngoba ebona nomphumela ozoba muhle ukusiza imndeni njengoba abantu abaningi benezinkinga ekamelweni.
“Abantu banezinkinga ekamelweni kodwa bagcina bengasizakali ngoba akulula nokukhuluma nabangani bakho osondelene nabo. Yingakho lezi zinkundla ezifuze lezi zibalulekile futhi ziwusizo,’’kusho uMaGumede.