CISHE abaningi bajwayele ukumbona emicimbini eyehlukene KwaZulu-Natal, bazitshele ukuthi yingoba ethanda ubumnandi kanti akunjalo.
UMnuz Zazi Nxele (42) uthi useke wasebenza cishe kuyona yonke imicimbi yakulesi sifundazwe njengoba naye engusomabhizinisi ogxile ekuhleleni imicimbi. Ukuba nemicimbi esuke ihlelwa nguyena uthi akwanele ngoba ngeke uhlale unemicimbi njalo yingakho abuye asebenze kweyozakwabo.
Uthe ukhule engenaso isiqiniseko sento azoyenza njengoba nasekhaya wasuka eyofundela iSocial Sciences aneziqu zayo azithola e-University of Natal esiyi-University of KwaZulu-Natal (UKZN) manje. Ungumsunguli wenkampani, iFace to Face Training, eyayiqeqesha amakhansela komasipala abehlukene ngo-2011 kodwa engasekho manje.
Manje useneZazi Media ayisungule ngo-2016 ehlela imicimbi yamahlaya ebizwa ngokuthi i-100% Zulu Comedy nesizakhele igama eMgungundlovu.
“Ngesikhathi ngisuka ekhaya ngangingazi nokuthi ngiyofundelani enyuvesi, ngafike ngathatha iSocial Sciences. Ngenhlanhla ngakwazi ukuyiphothula. Ngithe sengiqedile ngangenwa wuthando lokusebenzisana namaphephandaba, ngibhala izingosi kuwo. Lowo msebenzi yiwona engathola ukuthi nginothando lwawo kakhulu yingakho ngigcine sengisebenzisane nawo wonke amaphephandaba njengoba emaningi engiwabhalele izingosi. Bekuthi noma ngithola umsebenzi ezikhungweni zikahulumeni, ngisheshe ngiphelelwe wuthando lwayo njengoba awukho obekuphela iminyaka emithathu ngisawenza. Kulowo mzuzu bengiqhubeka nokubhala,” kusho uNxele.
Uthe into eyamfaka uthando lokuhlela imicimbi ukuba yingxenye yethimba lezimenenja zamavolontiya ngesikhathi sendebe yomhlaba yango-2010.
“Kulapho ngazizwa ngikhululekile kakhulu ukwenza umsebenzi wakhona. Lokho kwenza ngabona ukuthi uthando lwami lusekubhaleni nasekuhleleni imicimbi. Kusuka lapho angibange ngisabheka emuva. Ngibe yingxenye yemicimbi eminingi eThekwini. Kweminingi bengigxila kwiMarketing nakwiPromotion,” usho kanje.
Uthe kweminye imicimbi wayesebenza engaholi kodwa esuke ecele kubahleli bayo ukuthi baveze ilogo yenkampani yakhe ngesikhathi eseyisungulile ngenhloso yokuyikhulisa. Uthi wayazi ukuthi ukuvela kwayo emicimbini emikhulu kuzokwenza abantu bamethembe. Nokuzithuthukisa uthe akakaze akuyeke njengoba uhlala ezihambela izinkundla zokucobelela ngolwazi kwezokumaketha enza nezifundo ezimfishane kulo mkhakha. Phakathi kwemicimbi aseke wasebenza kuyona, Amantshontsho kaMaskandi Awards asungulwa wumfowabo, uMnuz Mlamuli Nxele, eyamaSoul Brothers, Indoni my Heritage my Pride kaDkt Nomcebo Mthembu, iDurban Jazz Festival kaMdu Ngcobo, imicimbi ebihlelwa wuMnuz Themba Njilo eMgungundlovu, Ilawu Group, Khayelihle Funeral Services eyayinomcimbi obizwa ngeKhayelihle Festival neminye. Uthe nomfowabo, uMlamuli, waba nesandla ekumlekeleleni ukuthi angene ekuhleleni imicimbi ngokumcathulisa ngendlela okumele enze ngayo izinto.
Uthe kumanje usemkhankasweni wokuvundulula ikhono kosomahlaya njengoba eseqale i-100% Zulu Comedy Tour ehambela izindawo ezehlukene KwaZulu-Natal. Uthe banesivumelwano sokusebenzisana nabo bonke osomahlaya asebenegama bakulesi sifundazwe, bagxile ekuvundululeni abanye abasha. Lokho uthe kungenxa yokuthi osomahlaya bayakhula kulo msebenzi njengoba sekukhona abanezinhlelo nakwithelevishini.
UNxele uphinde abe wumkhulumeli weMeya yakuMasipala uMsunduzi, uMnuz Mzimkhulu Thebolla, aqale ukuba ngumkhulumeli wakhe ngo-2019. Uthe okumenze wahlala eMsunduzi ukuthi uphinde abe ngumbhali wezinkulumo zemeya okuyinto ayithandayo ukuyenza.
Ekhuluma ngempilo yakhe, uNxele uthe udabuka kwaMafunze, eLandskop. Uyingane yesine ezinganeni zakwabo eziyisikhombisa kuMnuz Mahlomeka Nxele noNkk Sukile Nxele (uMaGumbi) abasadla anhlamvana. Amabanga aphansi uwaqale eNkabini Primary, waphothula uMatric eLangalakhe High School ngo-1997, waya kofundela iSocial Sciences e-UKZN. Ushadelwe wuNkk Sthombo Nxele (uMaKunene) abanezingane ezimbili naye. Uthe ngaphandle kwezingane zasemshadweni, unezinye ngaphandle okwenza zibe yisikhombisa izingane anazo.
Kafushane ngoZazi:
–Ekudleni uthe akayikhonzile inyama, uzifela ngenhlanzi. Esiphuzweni uthe kuba wumqombothi nobhiya
–Emazweni angaphandle useke wavakashela eSwazini, India naseNorway
–Into esake yamphatha kabi ukushona komfowabo omdala
–Osekwake kwamjabulisa kakhulu ukushadelwa nokusebenza kwiNdebe yoMhlaba ngo-2010
–Kwithelevishini uthanda ezemidlalo, emsakazweni uthe ulalela kakhulu iRadio 2000
–Uma engekho matasa nomsebenzi, uthanda ukuhlala nezinsizwa phansi kwesihlahla emakhaya badlale ingoma
–Ezimotweni uneFord Ranger athe iyona ayikhonzile kakhulu njengoba engumuntu wasemakhaya, ikwazi ukumelana nezintaba neMercedes-Benz uthe ikhona
–Ekhaya unezitolo ezine ezidayisa ngempahla yasekhaya nokudla
–Ngo-Okthoba 28 i-100% Zulu Comedy Tour uyiyisa eRichards Bay