UKUPHELA konyaka yisikhathi lapho okusuke kuthwasa khona ihlobo, okusho ukuthi kusuke kulindeleke ukuthi imvula ine kakhulu ngezinye izinsuku, nelanga likhiphe umkhovu etsheni.
Yilokho kushisa ngokweqile okungaba yingozi esikhumbeni sakho, yingakho isikhungo sezempilo esizimele i-Affirnity Health, sinikezela ngamathiphu ezinto ongazenza ukuzivikela elangeni.
Isikhulu esiphezulu salesi sikhungo uMnuz Murray Hewlett, sithe ukushisa kwelanga kuyasiza ngokuphakela umzimba ngo-vitamin D, kodwa uma sekushisa ngokweqile kungaba yingozi esikhumbeni.
– Kwenzekani esikhumbeni sakho uma sishiswe yilanga?
Abantu abaningi bavame ukucabanga ukuthi ukushintsha kwesikhumba okudalwa wukushisa kuwuphawu lokuba nempilo, bengazi ukuthi kusuke kukukhombisa ukuthi isikhumba sakho sizama ukuzivikela ekushiseni kwelanga. Yingakho kusemqoka ukuvikela isikhumba sakho ngaso sonke isikhathi. Ukushiswa yilanga ngokweqile kungaba yingozi enkulu njengoba kungenza ukuthi isikhumba sakho sivokomale, futhi kungenza nokuthi uphelelwe ngamandla, kwenze ungaboni kahle emehlweni, futhi kungakubeka engozini yokuphathwa wumdlavuza wesikhumba.
–Ongakwenza ukuzivikela ekushiseni kwelanga:
Ukuvikela isikhumba sakho akusho ukuthi hlala endlini kuphela ngaleli hlobo. Kuningi okunye ongakwenza ukuzivikela engozini.
– Sebenzisa amafutha okugcoba afanele:
I-The Cancer Association of South Africa (CANSA) icebisa ngokuthi abantu basebenzise imikhiqizo yamafutha okugcoba umzimba efanele nalungele ukubavikela ekushiseni kwelanga. Ukufaka i-sunscreen kusasele okungenani imizuzu ewu-30 ngaphambi kokuthi uphumele phandle, kungasiza ukuvikela isikhumba sakho. Ungenza okufanayo futhi njalo emva kwamahora amabili nohhafu uma ujuluka noma uzwela ukushisa ngokweqile.
– Gqoka izingubo ezikuvikelayo:
Ukugqoka izimpahla ezivala izindlebe, ngemuva kwentamo nengaphezulu lezinyawo zakho, kungakusiza uvikeleke ekushiseni. Sebenzisa izibuko ezakhelwe ukuvikela amehlo ekushiseni kwelanga ngokweqile. Isigqoko selanga naso sisiza kakhulu esimweni esinjalo.
– Hlala emthunzini:
Ilanga livame ukushisa kakhulu phakathi kuka-10 ekuseni kuya ku-4 ntambama. Ngakho uma kungenzeka, hlala emthunzini noma uzivikele elangeni ngokuphatha i-ambrella uma uhamba elangeni.
– Qaphela izexwayiso zemithi namaphilisi okusebenzisayo: Eminye imithi noma amaphilisi athile, kungenza isikhumba sakho sizwele kalula elangeni, yingakho kusemqoka ukubhekisisa ukuthi izexwayiso ezibhaliwe zithini.
– Bheka umehluko owenzeka esikhumbeni sakho:
Kusemqoka ukuhlale ubheka ushintsho olubona emzimbeni, kungaba amabala, amaqhuqhuva nokunye okunjalo, uzihluphe ngokuthi kudalwe yini ngoba kungenzeka ukuthi okunye kwakho kudalwa wukushiswa yilanga kakhulu, nokungase kukubeke engozini.