INKAMPANI esebenza emkhakheni wezempilo, i-Affinity Health, idonsa ngendlebe abantu ukuthi basukume uma bezwa amazwi abo ehoshozela ngoba lokhu kungase kubike isifo esithile.
Kule nyanga i-Affinity Health ixwayisa abantu ngesifo esihlasela izwi esibizwa nge-laryngitis.
Lesi sifo sivamise ukuvuvukalisa umphimbo bese izwi liyasha noma lihoshozele.
Isikhulu esiphezulu se-Affinity Health, uMnuz Murray Hewlett, sithe kuningi okungaziwa nge-laryngitis okufanele abantu bakuqaphele.
Uveze ukuthi u-80% we-laryngitis uvamise ukuhlasela abantu abanomkhuhlane njengoba kuye kuvuvukale uqhoqhoqho bese kushintsha izwi.
Kwabanye siye sidalwe wukuthi balisebenzisa kakhulu izwi, lapha kukhulunywa ngabantu abakhuluma isikhathi eside, abamemezayo nababhiyozayo.
Enye i-laryngitis idalwa wukuphalaza ikakhulukazi kubantu abanesilungulela njengoba kunoketshezi olulimaza izwi.
UHewlett uthe lesi sifo siyashintsha ngesonto elilodwa kuya kwamabili kanti kulapho abantu befanele ukusukuma khona ukuze basheshe basinqande.
“I-laryngitis kuyenzeka ibikezele izifo eziningi ezisuke ziphethe umuntu okubalwa ngisho umdlavuza womphimbo. Uma umuntu ephethwe yi-laryngitis amasonto angaphezu kwamabili kumele aye kudokotela ozomhlola izindlebe, amakhala nomphimbo ukuze abone ukuthi ikuphi inkinga,” kuchaza uHewlett.
Ucele abantu ukuthi baqaphele imithi abayisebenzisayo ikakhulukazi ehogelwayo nezifutho.
Uthe ngaphambi kokusebenzisa le mithi kubalulekile ukuthi ogulayo athinte udokotela ukuze uma esehlaselwa wukuhoshozela kwezwi kusheshe kushintshwe indlela alashwa ngayo.
Ngabe abantu bangayigwema kanjani i-laryngitis?
UHewlett, uthe kufanele banakekele amazwi abo, bahlale bephuza amanzi ukuze umphimbo ungomi.
Bangahlali entuthwini, bangahogeli amakhemikhali. Kufanele bafunde ukuphumuza izwi ngokuthi bangamemezi njalo.
Okunye okubalulekile wukuthi bangenzi umsindo wokucacisa izwi uma bekhuluma kodwa baphuze amanzi uma bephelelwa noma beshelwa yizwi besakhuluma.