LETHWESE ihlobo, sebeqalile abantu ukuya emajimini nokuzivocavoca emakhaya ngoba befuna umzimba “ofanele ihlobo nokuya ebhishi”.
UNksz Nondumiso Mkhize ojimisa abesifazane ku-WhatsApp, uthi imfihlo yomzimba omuhle nempilo enhle iqala ngokudla okunomsoco.
“Ngiyazi njengoba sekusondele ihlobo abantu bafuna ukuba nomzimba omuhle. Kufanele bakhumbule ukuthi impilo enhle iqala ngokudla ekhishini ekudleni okunomsoco. Ngeke uthi ufuna ukuba nomzimba omuhle kodwa udle ama-chips amazambane nokunye ukudla okucwile emafutheni. Kufanele udle ukudla okunomsoco. Yonke into oyifaka emlonyeni uzibuze ukuthi izokwenza muphi umehluko emzimbeni?”
Uthe uma ekhuluma ngokudla okunomsoco usho imifino, izinhlobo ezihlukene zezithelo namaveji, inyama ikakhulukazi emhlophe okubalwa eyenkukhu, ufishi nenye engenawo amafutha amaningi.
Udonse ngendlebe abafuna ukuba nomzimba omuhle ukuba badlalele kude noshukela, iziphuzo ezihlohlozelayo notshwala.
Uthe kufanele balale ngokwanele okungamahora ayisishiyagalombili ngoba umzimba uyakudinga ukuphumula kahle.
“Umzimba omuhle uhambisana nokuzivocavoca, abantu abadingi ukuya ejimini ukuzovocavoca. Uma unawo amandla okuya ejimini ungaya kodwa noma ungenawo uyakwazi ukuzivocavoca. Ungaqala ngokuhamba ibanga elithile njalo ngosuku okungenani amaminithi awu-20. Ungagijima uma umzimba wakho ukuvumela. Kufanele ube nohlelo olucacile lokuthi ufuna ukunciphisa ini. Kungenzeka ukuthi ufuna ukunciphisa isisu, izinqe noma amathanga. Kufanele ube nohlelo lokuzivocavoca oluzonciphisa lokhu.”
Abaya ejimini uthe kufanele bachazele obajimisayo ukuthi yini abafuna ukuyinciphisa ukuze ezobenzela uhlelo oluqondene nalokho ngqo.
Ubalule ukuthi abantu bangenza ama-burpees okuwuhlelo lokuzivocavoca oluhlanganisa ama-push ups, squats nokugxuma.
Bangasebenzisa nezinsimbi nolunye uhlobo lokujima. Ugqugquzele abangakujwayele ukujima ukuthi bazifundise ukuhamba amabanga amafishane bese ngokuhamba kwesikhathi baqale bagijime ngoba lokhu kulolonga wonke umzimba, kusize ukuwugcina ubukeka kahle.
Nazi ezinye izidlo nezinto okumele uziqhelanise nazo:
– Yeka isinkwa esimhlophe
– Yeka ukungalali ebusuku
– Hlukana nomfudumezo ekuseni
– Musa ukudla sekusondele ukuthi ulale, kungcono udle sekusele okungenani amahora amathathu okuthi ulale.
– Utshwala buzokhubaza imizamo yakho yokuzama ukuba nomzimba weBikini
– Zama ukwehlisa ingcindezi yangokomphefumulo. Ungakwenza lokhu ngokuthi uthole ukwelulekwa wungoti uma izinselelo obhekene nazo ziphezu kwamandla. Kungenjalo, thola into ezokwenza umqondo wakho ukhohlwe yizimo obhekene nazo njengakho ukuzivocavoca njalo ekuseni noma njalo ntambama okungenani ihora elilodwa. Funda incwadi noma amaphephandaba nsuku zonke.
– Uma isisindo sakho sithanda ukuphuma esandleni, ake uzame ukubhoyila ukudla kwakho, wehlise kokuchochobalisiwe.
– Ushukela, amakhekhe noswidi kudle okungenani kanye ngesonto kuze kube uyakuyeka.