UKUVAKASHELA komakhelwane nasezihlotsheni bekwenza usuku lukaKhisimusi lwehluke kodado kodwa ngokushintsha kwezikhathi wonke umuntu ufuna ingane ibe phambi kwamehlo akhe. Lokhu kusho ukuthi izingane eziningi zizochitha usuku ekhaya futhi eduze nabantu abadala. Lokhu kuzokwenza ukuthi zilokhu zibukela opopayi neziqephu zikaKhisimusi lize lishone kanti miningi imidlalo ezingayenza neyayenziwa kakhulu phambilini.
Ungoti wezokudla ophinde abe wumsakazi woKhozi FM, uMafresh, uthe emuva kwanoma yisiphi isidlo ingane kumele inyakaze kube khona umzimba omatasa ngakho. UMafresh uthe ukudla ulale noma uhlale phansi ngezinye zezinto ezenza umzimba ugcine ungenampilo futhi nezingane ziba nesisindo somzimba eseqile.
Ngosuku lukaKhisimusi izingane zisuke zidla ngokweqile nokunoshukela omningi ngakho ungazenza zibe matasa nemidlalo ezokwenza zinyakazise umzimba, zixukuze ingqondo. Ikhefu libalulekile kanjalo namanzi amaningi ngesikhathi sale midlalo.
Le midlalo ayidingi ukuthi uze uthenge amathoyizi noma izinto zokudlala kodwa eminingi yayo usebenzisa okukhona ekhaya. Lapha kubalwa amathini, amanzi, amatshe, izintambo, amaphepha namapeni. Kungenzeka eminye yale midlalo izingane zigcine zingakwazi ukuyidlala yonke, lokhu kukunikeza ithuba elanele lokuthi ngakusasa ungazikhathazi kakhulu ngezikwenzayo. Akusezoba nje imidlalo ezizoyithakasela ngalolu suku kuphela kowa eminye yayo zizoyithanda ngokweqile zize ziyidlale kuze kuvulwe nezikole.