USESEBENZISA isipiliyoni asithole ejele umfundisi ophinde abe ngumelaphi wendabuko oke waboshelwa amacala okukhwabanisela ibhange lase-ABSA. UKhumbulani "Mabalengwe" Ntombela webanla iGod Has Done elizinze eMelmoth, useqale uhlelo lokuhambela ejele ekhulekela iziboshwa aphinde ethule izinkulumo ezakhaya.
Lokhu uthe ukwenza ngokubona ukuthi baningi abantu abalahlekelwe yithemba emajele nahlangane nabo ngesikhathi eboshiwe. UMabalengwe odume nangengoma yakamuva kamaskandi eculwa uSmirnoff, uthe nokuba neculo lokujabulisa abantu ngaye kuyakhombisa ukuthi usebantwini futhi nabo bayamazi ubunjalo bakhe.
"Ngesikhathi ngiqala igama lebandla ngangazi ukuthi uNkulunkulu usekuhlele konke ngempilo yami futhi bakhona nabangezokuthanda lokho njengoba sebeqalile bengakhela amacala angekho. Ngaba nesiphrofetho nangesikhathi ngizokwehlelwa yileli bhadi. Emajele baningi abafana, ukusondelana nabo kuzobenza babuyelwe yithemba,"kusho uMabalengwe.
Kulolu hlelo lwasemajele uMabalengwe uthe uhambisana nanenhlangano yomama iShanela Mshanelo exhaswe yibandla lakhe nesiza abahlala emgaqweni. UMabalengwe uthe baphinde balekelele othisha uma sebefundisa iziboshwa izifundo ezahlukene, basize lapho kumele babambe khona.
UMabalengwe ebuzwa mayelana nevideo abonakale kuyo nenkosi yaseCongo, uthe ibimihlonipha ngebhangele lasebukhosini kulandela indlela asingethe ngayo umsebenzi wokwelapha ngesintu kanjalo nokusiza emphakathini.
UMabalengwe uveze ukuthi yize edume kakhulu ngokwelapha kodwa nenkolo akafisi ukuqhelelana nayo ngoba nebandla lakhe lisamdinga kakhulu.