UKUSEBENZELA emakhaya ngezinye zezinto ezibe imiphumela emihle yokusebenzisa ezobuchwepheshe kuleli. Yize kunjalo kodwa zikhona nezingqinamba ezigcina zihambisana nokungabi bikho ehhovisi ezingaphazamisa nesimo sempilo yakho. Ongoti bathi kubalulekile ukugcina imigomo yokusebenza yize usekhaya kodwa usebenzise nezinto ezizokugcina unempilo. UNkk Theresa Relihan weLogtech uveza ukuthi noma sezikhona izinkampani esezibuyele endleleni ejwayelekile yokusebenzela emahhovisi kodwa eziningi sezingene khaxa ekusebenzeleni ekhaya ngezobuchwepheshe besimanje.
" Izinhlangano eziningi sizibona zibuyela emahhovisi kodwa abantu abaningi basasebenzela emakhaya. Kukhona abasebenzela etafuleni, ekamelweni nakusofa imbala. Ngaleso sizathu kubalulekile ukuthi umuntu agcine indawo yokusebenza kungefanele nehambisana nezikhathi zokusebenza," kusho uNkk Relihan
Eqhuba uthe ukusebenza amahora angenele ekhaya ulokhu uhlaba ikhefu kungaba nomthelela ongemuhle emsebenzini wakho nenkampani oyisebenzelayo. Ukusebenza amahora angeziwe nakho akwenzi umehluko noma akubi nawo umthelela omuhle.
Okumele ukuqaphele
-Ungahlali edeskini lokusebenza amahora ayisishiyagalombili, hlala ubuye usukume uhlabe ikhefu ngoba lokho kuzoba nomthelela ongemuhle emzimbeni nasengqondweni. Lokhu kuzosiza umzimba wakho igazi ligijime kahle usebenze unempilo.
-Ungahlali ngendlela eyodwa ngoba lokho kuzogqilaza umzimba ikakhulu uma usebenza sakuqothuka ngekhompyutha.
-Ungaba ingxenye yemihlangano umile noma uma ubamba izingcingo ungasukuma sakuzelula ukuze kubelula ukuthi umzimba ukuthwale usuku lonke.
-Ungahlali ugqolozele ikhompuytha, bheka ama- emails uphinde uvale kancane kodwa uqinisekise ukuthi imiyalezo iyangena ngeselula ezokwenza ungaphuthwa kalula okomsebenzi.