NJENGOBA zivulwa izikole namhlanje, iningi labazali liyazikhalela ngemali okuhambisana nokuthi ziningi izinto ebebezenza bezilungiselela ukubuyela kwabafundi ezikoleni.
Okuningi sekwenziwe okufana nokuthenga komfaniswano, ukuthenga izincwadi nokunye okumqoka okudingekayo kodwa kusekhona okunye okubalulekile okungukuthi ingane izodlani esikoleni.
UNksz Mbali Mkhize onebhizinisi lokwenzela abafundi umphako bakhokhe njalo ngenyanga, uthe umphako wengane kumele kube ukudla okuzonikeza ingane umsoco ewudingayo ukuze ikhule, ibe nomdlandla wokufunda nowokudlala imidlalo edlalwa esikoleni. Kube ukudla okuzoheha iso lengane kodwa okungabhobosi iphakethe lomzali. Uthe umzali angathenga amaqanda noshizi okuyizinto abaningi abacabanga ukuthi kade zenziwa kodwa bazenze ngendlela ehlukile okungaba ukwenza i-folder kunokufaka isinkwa, ufake u-lettuce notamatisi.
"Kubalulekile ukuthi ukudla kube ngukudla okuzonikeza izingane imisoco ehlukene, kungabi ukudla okuzonikeza ingane ama-carbohydrates kuphela. Kumele kube nezithelo kanye nejusi noma amanzi. Amanzi abaluleke kakhulu, ijusi akumele kube ijusi ehlohlozayo. Okunye abazali okumele bakuqonde ukuthi kuleso sikole banamiphi imithetho ngokudla okumele kuphathwe izingane. Akumele u-ode ukudla okunezinto ezinoshukela okungamakhekhe noswidi uma esikoleni sengane yakho bengakufuni lokho. Izikole eziningi azithandi ukuthi umphako ube noswidi, kwesinye isikhathi ne-yogurt ethengwa isezitsheni ezincane (danone), “ kuchaza uNksz Mkhize.
Uqhube wathi inyama ethosiwe nokudla okugayiwe akumele ujwayele ukukuphathisa ingane njalo.
AbakwaNestle bona bathi akumele uzigqilaze ngokuthenga umphako osufakwe esitsheni esibukeka kahle ( (pre-packed), okungenzeka ukuthi siyabiza, okubalulekile ukudla okungaphakathi. Bathi zama ukwenza into esezingeni elamukelekile ungenzi into ebizayo ezogqobhoza iphakethe lakho, futhi okungenzeka ukuthi igcine isikwehlula ukuqhubeka nayo ngokuhamba kwesikhathi.
" Yenza into esezingeni engabizi kakhulu kodwa ewukudla okudingwa umzimba wengane osakhula. Umphako kumele ube nesithelo, ungafaka ucucumber, upopcorn,“ kusho abakwaNestle.
Ongoti bezokudla bathi ukudla okumele abazali bakugweme ukudla okunoshukela, okunosawoti omningi, okunamafutha nokuzonikeza ingane umsoco ofanayo.
Bathe uma ingane ithanda ukudla okunosawoti okuthengwa sekwenziwe okungenani kumele uzenzele wena ekhaya, ungakuthengi ukuze wehlise usawoti noma ushukela. Bathi ukuzenzela wena kungakusiza nangokuthi nikwenze nobabili nengane ukuze nayo ifunde ukuzenzela ukudla okunempilo.
Bathi okungamele ukukhohlwe ukufaka ucezu lukalamula noma i-lime, i-aphula noma iwolintshi emanzini engane ngoba lezi zithelo zibalulekile zenza ukuthi umzimba ungaphelelwa amanzi (hydration).