Kuseyinselelo ukuxoxa ngezihloko ezithinta ezocansi phakathi kwabazali nezingane, ikakhulu kwabendlu emnyama.
Kuvamisile ukuthi kube nokudideka kumzali, omunye asabe ukuthi ukhuluma kwakhe kuzokhuthaza ingane kwezocansi.
Yize kunjalo, kuyiqiniso elingephikwe ukuthi izingane zabafana nezamantombazane, ziba nolwazi olunzulu ngezocansi ngendlela ethusayo.
Lokho kufakazelwa yizibalo ezavezwa wuhulumeni zokuthi eNingizimu Afrika, kukhulelwe amantombazane alinganiselwa ku-150 000 onyakeni wezimali wango-2022/23.
NgoMashi wanyakenye, iWorld Health Organization (WHO) yaveza ukuthi izwe lethu libe nesibalo esiphezulu emhlabeni wonke sezingane ezikhulelwa zisencane. Kuvela ukuthi ezinganeni ezine zamantombazane aneminyaka ephakathi kwewu-10 kuya kwewu-19, kuneyodwa ekhulelwayo njalo ngonyaka.
UNkk Ayanda Gwaji, weSiza Communicy Care, eMlaza eningizimu yeTheku, ecebisa izingane ngezocansi nokunye, uthe inkinga manje wukuthi izingane eziningi zikhula ngaphandle kwabazali, kungaba ngenxa yokuthi abasekho emhlabeni noma abahlali nazo.
“Enye inkinga wukuthi ezinye izingane zizalwa ngabazali abayizingane kwabona, okwenza bangabi nesikhathi esanele sokukhuluma nezingane zabo ngezinto ezinjengalezi ukuze zikhule zazi ukuthi yiziphi izinto okumele zizigweme nokumele zizenze ukuze zingadukiswa ngabantu,” kusho uNkk Gwaji.
Uthe ukube kuya ngaye ngabe abazali baqala ukukhuluma nezingane zabo ngezinto ezithinta ucansi uma sezineminyaka ewu-10. Wathi ukholwa ukuthi yilapho eziningi zazo ziqala ukuthomba futhi nocwaningo lwezempilo luyakuveza ukuthi bakhona abakhulelwayo uma befika kuleyo minyaka.
UNkk Zonke Shazi-Hlongwane wenhlangano ebhekele inhlalakahle nokukhula kwezingane, Ikusasa Ngelami yaseThekwini, weluleke abazali ukuthi baqale bafundise izingane ngemizimba yazo uma sezineminyaka ewu-10.
“Kusenzima ukukhuluma ngezihloko zocansi kubazali ezinganeni zabo. Kodwa iqiniso lithi uma uwumzali ngeke wasibalekela lesi sihloko ngoba siyingxenye yokukhula kwengane. Uma ungakhulumi ngocansi enganeni, isuke izozitholela yona engxenye, kungcono ukuthi kube nguwena okhuluma nayo ukuze uyinike ulwazi okuyilona lona,” kuchaza uNkk Shazi-Hlongwane.
“Yingakho ngikhuthaza abazali ukuthi bafundise izingane zabo, baziyale ngezinto zisencane ukugwema ukuthi zingaluthwa yinoma yini nanoma ngubani. Siphila esikhathini lapho sekulula ukuthola ulwazi lwezinto ezahlukene, yingakho kusemqoka ukubeka impilo yomntwana phambili ukuze angaphazanyiswa yizimfundisoze.”
Labo ngoti ekukhulisweni kwezingane bathi into yokuqala abazali okumele bakhulume ngayo ezinganeni zabo, yisigaba sokuthomba.
Kumele ingane ifundiswe ukuthi uma kufika lesi sigaba yini ezoshintsha emzimbeni. Yazise nokuthi namahomoni azoshintsha okuningi, eyentombazane izithole isicasulwa wubala ngenxa yokufika kwesikhathi sokuya ezinsukwini. Abafana kumele bafundiswe ukuthi uma usuthombile, usunembewu okuzothi uma uzihlanganisa nocansi nontombazane nayo esithombile, ikhulelwe.
Abafana kumele bafundiswe nokuthi ucansi akuyona into yokudlala ngoba ingashintsha impilo yomfana unomphelo, esekhulelisile noma esethole igciwane lengculazi.