KULEZI zinsuku kujwayelekile ukuthi uzwe abantu abaningi bethi bageza ngomchamo wabo, abanye bathi bachela ngawo abanye baze bathi bayawuphuza uma besola ukuthi kukhona ushevu abawudlile.
Ezinkundleni zokuxhumana sekujwayeleke ukuthi kube nempikiswano ngokuthi umchamo kusuke kungamanzi anokungcola asuke ephuma ngaphakathi emzimbeni angasadingeki, abanye begcizelela ukuthi kuningi okwenziwa wumchamo okwelaphayo.
Emazweni afana neRome, iGreece nase-Egypt umchamo sekunesikhathi eside usetshenziswa ngabanye abantu abakholwa ukuthi uyelapha abakubiza nge-Urine therapy, urophagia noma urotherapy.
Abakholelwa ukuthi umchamo uyelapha kula mazwe bawusebenzisela ukwelapha izifo eziningi okubalwa kuzo ukwelapha izinduna, umdlavuza nezinye. Odokotela besayensi bawusebenzisela ukuhlola izifo okungaba isifo sikashukela nezinye.
Ngokwesayensi abukho ubufakazi bokuthi umchamo uyelapha ngoba alukho ucwaningo oluke lwenziwa lwaqinisekisa lokho kodwa ngokwesintu abantu basawusebenzisa.
UNkk Patience Koloko weSiwela Sonke Cultural Centre ongumelaphi, uthe uchamo uyaphuzwa uma usola ukuthi udle ukudla okunemithi engalungile, uyachela ngawo futhi ukuze ubulale umuthi.
"Umchamo osetshenziswayo owasekuseni ngoba kunenkolelo yokuthi awusenakho ukudla obukudla emini ngoba kade uchama ubusuku bonke, owasekuseni usuhlanzekile. Uma unenkinga yamehlo uyakwazi ukusebenzisa umchamo omncane ugeze ngawo kanjalo nasendlebeni uyakwazi ukuwuconsisela," kusho yena.
UNkk Nomagugu Ngobese ongumelaphi uthe umchamo uyintelezi kodwa awukwazi ukuthi uwuthake nezinye izintelezi, usebenza uwodwa.
"Esintwini umchamo uyelapha uwodwa nje ngisho owenkomo nobulongwe kuyelapha, yize ngokwesilungu kuthiwa unokungcola ngoba umzimba usuke ungasawudingi. Uma ube nephupho elibi ungaphuza umchamo ukuze uzihlanze," kusho uNkk Ngobese.
UNkk Ngobese noNkk Koloko bavumelana ngokuthi umchamo kungcono uma usetshenziswa umnikazi wawo hhayi omunye umuntu.
UMnuz John W Armstrong waseBritain owelapha ngomchamo obuye abe ngumbhali wencwadi, iThe Water of Life: A Treatise on Urine Therapy, echaza ngobuhle bokuphuza umchamo wakho eyabhalwa ngo-1945, uthi umchamo welapha izifo eziningi.
Lokhu okushiwo ngabelaphi bendabuko nokubhalwe encwadini ka-Armstrong kuyaphikisana nokushiwo ngodokotela besayensi abathi umchamo kungenzeka ukuthi ungcolile uma uwuphuza ungabuyisela ukungcola emzimbeni okungadala inkinga nasezinsweni.
Bathi umchamo wakheka ngokuthi amanzi angadingeki nokungcola okusemzimbeni, umzimba ukuthumele esinyeni ukuze kuphume.Ngokodotela baseNtshonalanga umchamo unamanzi angu-91 kuya ku-96% okunye kuba osawoti, i-amonia nokunye umzimba osuke ungasakudingi.
Abelapha ngomchamo ama-Urine therapist bakholelwa ukuthi umchamo welapha izinduna, isikhumba, umdlavuza, izilonda, ukucinana, izinkinga zokuphefumula, izifo ezidalwa amagciwane nokunye.
ENigeria namanje bakhona abaselapha izingane ezinesifo sokudlikiza komzimba ngomchamo emakhaya.