KUYINTO ejwayelekile emakhaya nasemalokishini ukuhlangana nekati noma nenja yehla yenyuka emizini yabantu kungaziwa ukuthi eyakabani.
Lokhu kuholela ekutheni izilwane zigcina zizalisana zanda zingondingasithebeni emigwaqweni.
Inyanga u-Ephreli eyokukhuthaza ukunakekelwa kwezilwane ngokungahlukunyezwa nosekuzale izinhlangano eziningi eNingizimu Afrika.
Izinhlangano ezibhekele izilwane ezifana ne-Animal Anti-Cruelty League (AACL) zigcina sezingenela ukuvikela lezi zilwane eziyizisulu zokuhlukumezeka ngezindlela ezehlukene.
I-AACL ezinze eMgungundlovu naseThekwini ebhekele izinja eziwu-34 namakati angenabani awu-44, icela abangaphonsa itshe esivivaneni.
Umsebenzi we-AACL awugcini nje ngokunakekela lezi zilwane ngokwenhlalo , kodwa iqinisekisa ukuthi kuhamba kahle yini kuzo ngakwezempilo, zigonywe futhi zivikelwe ezifweni eziningi.
Ezinye zalezi zilwane zigcine zilethwa ngabanikazi bazo abangakwazi ukuzinakekela ngenxa yezimo ezehlukene nokusho izindleko eziphindiwe kwi-AACL .
Omunye wababhekele le nhlangano, uMnuz David Rogers uveze ukuthi bayangenela noma izilwane zithole ukuhlukumezeka, zishaywa, zinganakiwe noma ziphila ngokugconwa.
"Izinsiza esinazo nesilekelela ngazo zincike kuxhaso lwemali esikwaze ukuyiqoqa nakubantu abavolontiyayo ukusiza izilwane," kusho uRogers.
Uthe bavulelekile nakubantu abathanda izilwane nabangafisa ukuzithatha kube ngezabo, kodwa nakhona kunezinto eziqala zilandelelwe ngozithathayo.
Abathanda ukwelula isandla bangaxhumana nale nhlangano ngokushayela u-031 736 9093 noma 072 416 3873 noma bathumele i-email [email protected] bazothola uRogers.