UKWANDA kwabantu abathanda ukuhloba ngemvunulo kuvule ithuba lebhizinisi kwabahweba ngayo, kwaphinde kwavula nethuba lokuthi idayiswe kwamanye amazwe.
Muva nje imvunulo ibalwa nezinye izinto ezibiza kakhulu ezigqokwa uma kuwumshado, umemulo, umkhehlo, umhlonyane noma kuneminye imicimbi yesintu.
Abakhiqizi bayo bathi kudingeka ukuthi bahambisane nezitayela ezintsha kodwa futhi bangasuki ekutheni imvunulo ihlale iyisintu.
Bathi kudingeka nokuthi baqhamuke nezindlela ezintsha zokushuka izikhumba, ukwenza ubuhlalu obunhlobonhlobo okuholele ekutheni imvunulo ibize kungakhathalekile ukuthi uyayithenga noma uyayiqasha.
UMnuz Nkanyiso Ngidi wenkampani edayisa amabheshu kuleli nasemazweni aphesheya, Amabheshu Innovators, uthe isethi yemvunulo yomuntu wesilisa oyedwa ibiza phakathi kuka-R23 000 kungaze kufinyelele ku-R52 000 kuye ngokuthi isikhumba eyakhiwe ngaso esasiphi isilwane.
“Ngigxile emvunulweni yabesilsa eyenziwe ngesikhumba senkomo nesezinyamazane, imikhiqizo yami eminingi yenziwa ngesandla kodwa ezinye izikhumba kumele zifakwe emshinini okwaziwa nge-processing, sifakwe namakhemikhali abulala izinambuzane, ahlanze igazi esikhumbeni ukuze singagugi masinyane,” kuchaza uNgidi.
UNkk Celiwe Ntuli-Shandu ongumsunguli wenkampani edayisa iphinde iqashise ngemvunulo yabesifazane neyabesilisa, iZulu Bride, uthe imvunulo eningi aqashisa ngayo ngeyabantu besifazane kodwa kukhona neyabesilisa.
“Ubuhlalu obuyimibalabala buyabiza lapho ngibuthenga khona, ngaphezu kwalokho kumele amakhasimende uwafundise ukuthi imibala ichaza ukuthini nokuthi igqokwa uma kunjani. Izinto eziningi manje zihambisana nemfashini kodwa kumele uweluleke amakhasimende, athi ekhetha abe enolwazi. Uwachazele nangokubaluleka kokuthi isicholo nesidwaba sithengwe umakoti kube esakhe, uma eshada, ngaphandle uma yena nabasemzini bengawagcinii amasiko. Konke lokhu kudla isikhathi kanti isikhathi siyimali, njengoba kuyibhizinisi nje ugcina usuqashe abanye abantu ,” kuchaza uNkk Ntuli-Shandu.
Uthe ukuthenga isethi yemvunulo yomuntu wesilisa eyenziwe ngesikhumba sengwe kubiza ngaphezulu kuka-R40 000 uma eseyiqashisa uyiqashisa ngo-R2 500. Isidwaba usithenga ngo-R12 000 bese eqashisa isethi yomuntu wesifazane ngemali eze ifinyelele ku-R1 800.
"Phambilini isikhumba sengwe besingagqokwa inoma ngubani, amakhosi abevunula ngaso manje ngenxa yemfashini noma iyiphi indoda ingahloba ngengwe uma iphakethe liyivumela. Ukwanda kwemicimbi evunulelwayo okuyimicimbi yomaskandi neminye imicimbi yamabhinca kwenza ukuthi ikhule imakethe yabantu abafuna ukuvunula. Abahambela le micimbi kunamathuba amaningi okuthi bayiqashe imvunulo ngoba abafuni ukubonakala bevunule ngento eyodwa, kithina lokho kuyibhizinisi. Okunye okwenyusa imali yokuthenga noma yokuqasha imvunulo ukuthi kumele kube nemali eyisibambiso, eyenzelwe ukuthi ubambe yona uma umuntu engasayibuyisi," kuchaza uNkk Ntuli-Shandu.
UNksz Philisiwe Gwensa, waKwaNyuswa wePita's Beads, ogxile ekwenzeni ubuhlalu babantu besifazane, uthe nasemakhaya ubuhlalu useyikhuphulile imali yokubuqashisa ngoba naye ubuthenga ngemali enkulu.
"Ubuhlalu lobu yize buyinto yokuhloba abantu abamnyama kodwa buthengwa phesheya ngoba abakhiwa kuleli. Buhlukene kaningi, kukhona obuyiplastiki, obuyibhodlela nobuyinsimbi. Abantu abaningi bafuna obenziwe ngebhodlela nensimbi lobu obuyiplastiki buqashwa izingane," kusho yena.
Uthe ngenxa yokuthi usemakhaya, imvunulo yengane uyiqashisa ngo-R100, isethi ehambisana nesidwaba ibe ngu-R1 200, isethi yempelesi ayiqashise ngo-R400.