UKUGUQUKA kwesimo ngenxa yezobuchwepheshe besimanje, kwenze abakwaVodacom baqhamuka neqhinga lezitolo esiDigital lapho amakhasimende ezokwazi ukusizakala ngisho ngabe isitolo sesivaliwe. Okwamanje zisentathu izitolo ezinalobu buchwepheshe eNingizimu Afrika.
Kusanda kwethulwa ngokusemthethweni esinye sazo esiseWestville, ePavilion Mall, eThekwini. Ukuba nalolu hlobo lwesitolo kusho ushintsho ezimpilweni zabantu njengoba sebezokwazi ukuthola lonke usizo abaludingayo ngaphandle kokulinda ukuthi kuze kuvulwe esitolo. KwesisePavilion, kubekwe ngaphandle kwaso imishini okwazi ukuthenga i-airtime noma ngabe sekuvaliwe. Nangaphakathi kunamaScreen okwazi ukuzichofozela wona ubone konke okudayisa esitolo ngesikhathi usalinde ukusizakala. AbakwaVodacom bathe usungakwazi nokuzibhukhela i-appointment noma ingasikhathisini ukuthi ukwazi ukuza esitolo ukuzothola usizo.
Ukuheha abathengi ngalesi sitolo sobuchwepheshe obusha ePavilion, abakwaVodacom banomncintiswano wokuziwinela izinto ezahlukene ezingabiza u-R1 million uma sezihlangene. Ukuzibeka ethubeni kumele uthenge iselula iHuawei ka-R5000 noma uyithathe ngeContract. Phakathi kwezinto eziwinwayo, kukhona ama-32 Inch Amart TV’s, Air Friers, Bluetooth Speakers nokunye.
Omunye umncintiswano wakhona unezimpahla zenani lika-R500 000. Ukuzibeka ethubeni ungathenga iselula yeSamsung noma uyithathe ngeContract. Khona kutholakala izinto ezehlukene okungaba amaPower Banks, Buds, UV Wireless Chargers, Cooler Boxes nokunye.
Isikhulu esiphezulu kwaVodacom, kwaZulu-Natal, u-Imran Khan sithe isitolo sabo eseisePavilion seseka ukongiwa kwemvelo njengoba sihlobe ngezihlahla futhi sivumela nabahamba ngezihlalo ezinamasondo ukuthi bakwazi ukuzifikela khona.
UFamida Omar weCellular Citi Group, uthe kuningi okusazojabulisa abantu ngalesi sitolo.