SEKUSELE izinsuku ezimbalwa uNksz Lumka Mhlaba ophethe isicoco sikaMiss King Cetshwayo asidlulisele kozodla umhlanganiso kazime walo nyaka ngoLwesihlanu.
Le ntokazi ithe ithemba ukuthi ozothatha emva kwayo, uzoqhubeka lapho igcine khona ekuthuthukiseni abanye abesifazane.
UNksz Mahlaba (25) waseMhlathuze onguMiss King Cetshwayo 2022 uthe uzuze lukhulu, okubalwa nethuba lokusebenza nomphakathi waseKing Cetshwayo.
Uthe ukumodela wakuqele esemncane ngesikhathi abazali bakhe behlukanisa umshado wabo, edinga into ezomgcina ematasa. Uthe ukumodela yikhona okwamsiza ukumelana nesimo.
Uthe ukusekwa wumndeni wakhe nakho kumenze wazimisela kakhulu, ikakhulukazi uninakhulu obengaphuthelwa wukuzokikiza uma engenele imincitiswano yokumodela.
"Ngizuze ukuthi ngibe nokuzethemba, kwaphinde kwavuleka ingqondo yami ngoba ngihlangane nabantu abasuka ezindaweni ezahlukene nabasemazingeni aphezulu," kusho uNksz Mahlaba.
Isicoco sikaMiss King Cetshwayo uthe simakhele ubungani nobudlelwano obuhle nozakwabo ngoba basakhuluma kuze kube yimanje becebisana futhi begqugquzelana.
Ugqugquzela abazongenela kulo nyaka ukuthi bathathe izimfundiso abazozithola kubantu abahlanganisa umcimbi.
Uthe uzobe ekhona ngoLwesihlanu emncintiswaneneni ozoba sehholo eBhekuzulu eNyuvesi yaseZululanda, KwaDlangezwa ngo- 5 ntambama.
Uzophinda abe sohambweni olwaziwa ngeStreet Parade, edolobheni eRichards Bay. Ngomgqibelo kuzoba nomjaho wamahhashi eMpangeni Air Field.
Eminye imicimbi ezoba ngoMgqibelo yidili lomculo eMhlathuze Sports Complex, bese ngeSonto kuba nomcimbi wombukiso wezimoto ezishaya isondo.