IZINZIPHO ezizinamathelelayo phambilini bezifakwa izingane ezincane ngoba inhloso yazo bekuba ukuthi uzifake usuku olulodwa noma ezimbili, manje seligaya ngomunye umhlathi, nabantu abadala sebeyazifela ngezinzipho ezinamatheliswayo umehluko ukuthi bafuna ezakhelwe bona zifike zilingane nse nezinzipho zabo zendalo.
UNksz Sthabile Nxumalo (26) waseThekwini ongumsunguli wenkampani eyenza imidwebo ehlukene yezinzipho ezinamatheliswayo (press-on) , iNBS Nail, uthe leli bhizinisi bekungavamile ukuthi kube ngelomuntu. Abantu bebezithengela izinzipho ezitolo zokuzicwala kodwa inkinga ebebenayo ukuthi uthola lezo ezisuke zikhona ngaleso sikhathi. Yena uqhamuke nendlela ethe ukwehluka ecishe ifane nokuthi ufakwe nguye izinzipho, umehluko ukuthi anikaze nihlangane bukhoma nigcinana kwezobuchwepheshe nikhuluma ngezinzipho ozifunayo.
UNksz Nxumalo uthe sekuphele iminyaka eyevile kweyisishiyagalombili enebhizinisi lokufaka abantu izinzipho, ngo-2022 kuphoqeleke ukuthi avale ibhizinisi lakhe ngoba ubelashelwa umdlavuza webele.
"Ngangikhathala ngingeke ngikwazi ukuba nomdlandla wokuba semsebenzini. Kwathi uma sengiqala ukuba ngcono ngabona ukuthi kumele ngizame ukuvusa ibhizinisi lami kodwa ngangingenayo imali yokukhokhela indawo ngoba kwase kunesikhathi eside ngingasebenzi. Ngafikelwa umbono wokuthi ngenze izinzipho umuntu azifakela yena ekhaya kodwa ikhasimende ngikhulume nalo njengoba kade ngizokwenza uma lifika endaweni yokuzicwala," kusho uNxumalo.
Uthe uma ikhasimende liqala ukuxhumana naye liyasho ukuthi lifuna izinzipho ezinemibala enjani, ezime kanjani ezicijile noma eziyisibaca. Leyo mininingwane igcinwa kuzo ezokuxhumana uma selibuya imininingwane yalo isuke isekhona.
"Siba nesikhathi sokuxoxa sibonana kusetshenziswa ezobuchwepheshe. Ngisebenzisa izinto ezifana nemali eyisiliva ukuze ngikale ukuthi isandla sekhasimende singakanani. Ngibuke ukuthi izinzipho zalo zimi kanjani bese lingishuthela isithombe seminwe yalo ukuze ngikhande izinzipho ezizofika zililingane, zingabi zinkulu futhi zingabi zincane," kusho yena.
Uqhube wathi kwadingeka ukuthi enze ucwaningo mayelana ne-glue okumele ayisebenzise elungele amakhasimende afuna ukufaka izinzipho zesikhashana nesijwayelekile okungaba inyanga.
Imidwebo ake ayidwebe kungaba eyezicathulo, izimoto noma yini enye esuke ifunwa ikhasimende.
"Kuyenzeka ikhasimende lifune izinzipho zifakwe isithombe somuntu okungaba isoka lalo noma ngubani omunye elithanda ukuthi isithombe sakhe sifakwe ezinzisheni. Ngike ngenze izinzipho zabantu zifane nezimoto zabo, ngidwebe noma ngibhale izinkampani abasebenza kuzo uma befuna lokho," kusho uSthabile.