Ngokujwayelekile, intshebe iyona yinto okubonakala ngayo ukuthi umuntu ungowesilisa kanjalo namabele, ubona ngawo ukuthi lo owesifazane. Kodwa wenze njani uma ungowesifazane omilwa yintshebe? Uyenzenjani ke, uyayishefa noma uyayiyeka?
UNksz Thobile Ndlela (33) waseMseleni, eMpangeni, ungomunye wabesifazane ozithola enale nselelo yokuba nentshebe yize engowesifazane.
Le ntokazi ithi ikhule iphuphuzela uboya emilenzeni, ezingalweni nasemzimbeni kodwa yaphoxeka uma isimila intshebe ngesikhathi ingena ebutshitshini (puberty) okuyenze yaphenduka ihlaya kozakwabo esikoleni.
"Kuningi abebengibiza ngakho. Abanye babengibiza ngomfana abanye befisa ukubona ukuthi njengoba nginentshebe nje ezindaweni ezicashile nginani. Njengamanye amantombazane amancane, nami ngangigqoka umfaniswano omfishane. Ukumila kwentshebe nokuphenduka ihlaya kontanga kwangenza ngaphelelwa ukuzethemba. Ngaqale ngayigunda kodwa ibilokhu ikhula kuze kwafika isikhathi lapho ngithatha khona isinqumo sokuthi ngamukele ukuthi uNkulunkulu ungidale ngaba nje,“ kusho uNksz Ndlela.
Le ntokazi ihlale iqhulula amahlaya mayelana nokuba nentshebe kuTiktok okuyindlela eyisebenzisayo ukuchazela abangazi ukuthi idalwa yini intshebe kwabesifazane.
Kwakhona kuTiktok uNksz Ndlela uthe kukhona ababuza imibuzo elumelayo nabambiza ngendoda kanti uma ezihambela kukhona abasathi uma behlangana naye bakhuzele ngokuthi yadla intshebe, abanye bathi unobhebhene.
"Babodwa abavele bathi bayasola ngingabamithisa uma bebona ama-video ami ngifake isikhindi. Babodwa abangishela ngoba banenkolelo yokuthi umuntu wesifazane onentshebe nophuphuzela uboya ‘ uwulozolo’ ocansini," usho kanje.
Uthe emndenini wakhe akuyena owokuqala onentshebe noninakhulu, obabekazi bakhe nabo banayo.
Le ntokazi ithe ukuba nentshebe nokuba noboya obuningi emzimbeni kwayo kudalwa ukuthi ihomoni yabesilisa i-testosterone iphezulu emzimbeni wayo, okwenza ukuthi abe nePolyCyist Ovary Syndrome (PCOS), okuyizigaxa esibelethweni esenza umuntu aye kancane esikhathini.
Ulwazi olubhalwe kwi-website yeMayo Clinic luveza ukuthi uma unePCOS kuyenzeka ungayi esikhathini ngendlela efanele. Ngokuvamile, kungenzeka uye izinsuku ezincane kakhulu noma eziningi kakhulu. Kungenzeka umzimba wakho ukhiqize ihomoni ekhiqiza izinwele eziningi i-androgen.
Uma une-PCOS isibeletho sakha amaqanda angekho esimweni, okuba amasaka amaningi amancane oketshezi akhula ngaphandle kwesibeletho, okubizwa ngezimila. Lezi zimila ezibizwa ngama- follicles, zisuke zinamaqanda angavuthwa futhi ziyehluleka ukudedela iqanda njalo ngenyanga njengoba kufanele.
Lokho kudala ukuthi kube nzima ukuthi owesifazane athole abantwana ngoba amaqanda akhe awavundi (ovulation).
"Ngisebenzisa imishanguzo esiza ekutheni amahomoni abuyele esimweni, ukuze uma nginesifiso sokukhulelwa ngikwazi ukukhulelwa ngaphandle kwenkinga. Sengize ngajwayela ukuthi kunamadoda ashela ngoba ethi owesifazane ophuphuzela uboya futhi onetshebe umnandi ocansini.
“Angibazi ubuqiniso balokho. Engingakuvuma kuyenzeka ube namandla acishe afane nawowesilisa kanye nesibindi. Mayelana nokuthi uma unendoda isheshe ishone ngoba nakhu ishade nowesifazane onentshebe, ngicabanga ukuthi amampunge nje lawo. Angikholwa ngoba ugogo (naye owayenentshebe) nomkhulu bahlala isikhathi eside yize umkhulu esashona manje," kusho yena.
Uthe uma unalesi simo kudingeka ube nesibindi, ungazweli ngoba abantu bakhuluma noma yini. Uma unemali uyisuse okwaziwa nge-laser.