UMA uhamba emihubheni yaseThekwini, uhlangana nabantu ikakhulu abesifazane, okuthi uma wedlula ekhanda lakho ungalukile noma usunomluko ogugule, bacele ukukweluka.
Wukuqaphela lokho okwenze uNksz Yenziwe Ndimande waqala i-Y.Q Beauty Studio, ibhizinisi lokuqashisa ngendawo yokusebenzela kwabafisa ukuchuma ngebhizinisi lokulukana.
UNksz Ndimande (33) waKwaMduku, eHluhluwe, enyakatho yaKwaZulu-Natal, uqale leli bhizinisi ekuqaleni kwaJuni nonyaka, kanti lizinze kwelinye lamabhilidi asenkabeni yedolobha iTheku.
“Ngibone kuyindlela engasiza ukufukula abantu abafuna ukuchuma ngokwenza ikhanda, ngokuthi ngenze ibhizinisi elizokwenza kube lula ukusebenza kubona, lenze nami ngikwazi ukwenza inzuzo ngalokho, ngibe ngiwusizo kwabafuna ukwenza ukuphebeza indlala ngokuqala amabhizinisi abo,” usho kanje.
I-Y.Q Beauty Studio yindawo evulekile enjenge-salon, lapho abantu beqasha khona isihlalo nesibuko kokusebenzela, bakhokhe uR950 njalo ngenyanga ukusebenzela kule ndawo emumatha osomabhizinisi abawu-14 abaluka abantu.
“Ngiqale le ndawo ngoR30 000 wemali engangiyibekile, ngawusebenzisa ukuyilungisa ngaphakathi ngathenga nokwakudingeka ukuze ibukeke kahle,” kusho umnikazi webhizinisi.
Uthe uyakuqonda ukuthi ebhizinisini izinto azihlale zihamba kahle ngakho akazukuzihlupha ngokujaha ukuchuma, kunalokho ufuna ukuqhubeka kancane, kancane kuze kulunge.
“Inhloso yami wukusebenzisa ibhizinisi ukuchuma kwezamabhizinisi, ngigcine nginendawo enkulu yokusebenzela futhi ngenze leli bhizinisi lingizalele amanye ngomuso,”’ kuphetha uNksz Ndimande, ongumhleli wemicimbi.