OKE wabhala incwadi echaza ngezinkinga zezingane ezithatha kancane uma kufundwa usevule isikole sazo lezi zingane.
UNkk Nozipho Thwala oke wabhala incwadi ethi: "Izimpawu ezidala ukwehluleka kwezingane esikoleni, ephinde ibhalwe ngesiNgisi ethi: "Reasons why children struggles at school", uvule isikole sezingane ezithatha kancane ezinesimo i-Attension Dificiency Disorder (ADD) nezine-Attension Dificiency Hyper active Disorder (ADHD) nezine-Autism, iMzameni Learning Center, eseManzimtoti.
UNkk Thwala oke wafundisa esikoleni sezingane ezikhubazekile iminyaka eyishumi, uthe ngesikhathi eqala ukufundisa esikoleni sezingane ezikhubazekile kwakumkhathaza ukuthi kungani uma ekhuluma nalaba bafundi bangakwazi ukubamba umusho owodwa abatshelwa wona bakhethe ingxenye ethile.
"Kuyenzeka umfundi ezwe ingxenye engasekugcineni yomusho, omunye ezwe ekuqaleni omunye ezwe okuphakathi nendawo. Izimpendulo ngizithole ngesikhathi ngifunda ngezimo eziwukugula ezenza ukuthi ingane ingakwazi ukuthi uma isekilasini ilalele imizuzu engu-30," kusho uNkk Thwala.
Uthe ezinye zalezi zingane ziba nolaka kanti ezinye alukho ulimi ezikwazi ukuluzwa uma kukhulunywa nazo ngenxa yesimo sazo.
"Kuningi okuchazwa njengezizathu eziholela ekutheni ingane ibe naleso simo, okunye kudalwa ukuhlukumezeka kukamama ngesikhathi ezithwele kwesinye isikhathi kudalwe ukuthi ingane ibijwayele ukuwa ishayeke ekhanda kwathinteka imithambo yasekhanda noma ubuchopho. Ingane enjalo uma ifunda nezingane ezijwayelekile isilela ngemuva.Isidinga ukuthi ifunde esikoleni esizoyinakekela sibheke isidingo sayo," kusho uNkk Thwala.
Uthe okunye akufundile ukuthi abazali bezingane ezinalezi zimo baba nengcindezi nokhwantalala.
"Isikole salezi zingane ngisivulele ukuthi abazali bathole indawo ephephile nomuntu ozokwazi ukubambisana nabo kulolu hambo ngoba lezi zingane zidinga isineke nomuntu oqodayo izidingo zazo ngokwehlukana," kusho uNkk Thwala.
Uqhube wathi emiphakathini yabantu abamnyama kuningi okushiwoyo uma unengane okubonakala sengathi inesimo esiyenza ingafani nezinye izingane.
"Abanye bakholwa ukuthi kunesiko elidingekayo ukuthi ithakathiwe nokunye. Abazali abaningi baye bakwenze konke lokho kodwa kungashintshi. Kulapho siye sithi kumzali akalethe ingane esikoleni sibambisane naye ukuze ingane yakhe ifunde ngendlela elungele yona," kusho yena.
Uthe lesi sikole usivule ngoJanuwari manje sinezingane ezingu-10 ezifunda zigoduke. Uhlele ukuthi ngokuhamba kwesikhathi abanye abafundi abanesidingo bakwazi ukuhlala esikoleni.
Uqhube wathi lesi sikole usiqale enengane eyodwa ayinakekelayo engenayo nemali yokukhokhela ibhilidi alisebenzisayo.
"Empilweni kuba khona isikhathi lapho usuke usuzitshele ukuthi into uyayenza noma kungathiwani. Bese kunesikhathi nginalesi sifiso kodwa kungenzeki ngoba kudingeka imali ebengingenayo. Kulokhu ngizitshele ukuthi ngizosebenzisa imali yami ukuze ngifeze iphupho lami. Ngenhlahla kube nabazali abangithembile banginika izingane zabo. UMnyango wezeMfundo okwamanje usinike igunya lokuthi isikole sivulwe kodwa okuningi asikabi nakho," kusho uNkk Thwala.
Uthe izinto abashoda ngazi kakhulu amathoyizi nezinye izinto zokufunda ngoba abafundi badinga lezo zinto uma befunda.