UDONSE ngendlebe abantu besifazane ukuthi basungule amabhizinisi abo uNksz Luyanda Radebe (34) onelondolo ebizwa ngokuthi Amahlubi Laundry, eKwaBester eNanda.
UNksz Radebe uthe wayengenamali ngesikhathi esungula inkampani yakhe ngoMashi ka-2018.
“Ngiqale inkampani yami ngingasebenzi, bengiphila ngemali yesondlo sezingane zami ezintathu ewuR1 300. Ngangigqoka ingubo eyodwa ngoba nezimpahla zokushintsha ngangingasenazo. Ngo-2017 ngafikelwa yiphupho lokuthi ngiqale ilondolo,” kusho uNksz Radebe.
Uthe njengoba wayengenamali waqala ewashela abantu abaseduze naye wakwazi ukuyibeka imali encane ukuze athenge imishini.
“Ngenhlanhla yami abantu ekade ngibawashela bebetshela abanye ukuthi ngiwasha kahle bese nabo balethe izimpahla. Ngikwazile ukukhula ngilokhu ngithenga izinsiza zebhizinisi kancane kancane.
“Kubalulekile ukuthi singabantu besifazane sisungule amabhizinisi ethu ngoba nemisebenzi ayikho kahle. Ukuqala ibhizinisi akudingi izizumbulu zemali kufanele uzimisele ukuthi uzosebenza kanzima,” kusho uNksz Radebe.
Uthe kubalulekile nokuya esontweni ngoba yena uyindodakazi yentethelelo ebandleni lamaNazaretha eBuhleni.
“Kukhona inhlangano engisizayo iProject Preparation Trust (PPT) engilekelela ukukhangisa ibhizinisi lami nangokungenzela ama-brochure nezinye izinsiza zokukhangisa ibhizinisi. Kubalulekile ukuthi siye ezindaweni zokukhonza ngoba ziyaselapha emoyeni,” kusho uNksz Radebe.
Phakathi kwezingqinamba abhekane nazo ngesikhathi eqala ibhizinisi ubalule ukubiza kwemishini nerenti yendawo asebenzela kuyo.
“Uma unalo uhlelo lwebhizinisi noma ubhekana nezingqinamba uyakwazi ukubekezela. Kufanele ukhumbule ukuthi uma uwusomabhizinisi ngeke ube nemali ngesikhathi usaqala kodwa usebenzele ekuthengeni izinsiza.
“Ngikwazile ukubeka imali ebengiyenza ngakwazi ukuqasha abantu abahlanu. Nginamalondolo amabili manje eKwaBester naKwaSeme. Ngizimisele ukukhula ngoba nginamaphupho,” kusho uNksz Radebe.
Uthe abantu besifazane bayakwazi ukubhekana nezingqinamba ezihlukene ngoba yena uwumuntu wesifazane okhulisa izingane zakhe yedwana kodwa unanebhizinisi futhi ukwazile ukudala amathuba omsebenzi ngakho nabanye kufanele bazame.