KULINDELEKE ukuthi bafunde okuningi abesifazane abakhonze ikhishi njengoba i-SABC, izolo yethule uhlelo lokupheka olwethulwa usaziwayo osezakhele igama kulo mkhakha uLorna Maseko.
ULorna uzobonakala ohlelweni i-Lorna’s Pantry, ezokhombisa iziqephu eziyishumi kuphela nalapho ezobe etshengisa izindlela ezehlukene zokupheka ukudla okungambi eqolo.
Lolu hlelo lukhonjiswa kwi-S3 ngo-6 ntambama.
Ekhuluma ngokuba yingxenye yalo uveze ukuthi ukuhambela amazwe ehlukene emhlabeni kumkhombise ukuthi akudingeki ukuthi kuze kuguge iphakethe uthenga ukudla okubizayo, bese ukupheka kube mnandi.
Uthe esiqeshini ngasinye uzoveza ukuthi ukudla kwwethu ikakhulukazi okwesintu, kungashintsha kanjani kube okweqophelo eliphezulu.
“Isikhathi esibhekene naso kuleli, sokungahambi kahle kwesimo somnotho siyasiphoqa ukuthi kube khona izinguquko ezindleleni esiphila ngazo. Nami ngalolu hlelo ngizobheka kakhulu ukudla esikhule ngakho ukuthi singakushintsha kanjani endleleni esikhule kuphekwa ngayo, nangendlela yesimanje. Ukonga yikhona okumele sikwenze kakhulu futhi sikwazi ukudla ukudla okungabizi kodwa okumnandi,” kusho uLorna.
Uthe unxusa kakhulu abesifazane basemakhaya ukuthi kube yibona ababuka lolu hlelo ukuze kube khona abakucoshayo, uma kuza ezithakweni ezehlukene abangisebenzisa.
“Izinhlelo ezifana nalolu zijwayele ukuthandwa abesifazane abaphila impilo yasemadolobheni ephezulu, kodwa ukuza esiteshini esingakhokhelwa njenge-SABC kuvulela abaningi amathuba okuthi bafunde ngendlela abangajabulisa ngayo imindeni yabo.
“Kungijabulisile ukwenza uhlelo olufana nalolu, luhluke kakhulu kwezinye engike ngazenza phambilini, ngakho ngikubheke ngabomvu ukunika amacebo ehlukene okwenza ukudla okujabulisayo,” kuchaza yena.
Ukugcizelele ukuthi imali iyona afuna yongiwe ngalolu hlelo njengoba okunye azokukhuthaza kuwukuthi abantu bakhuthalele ukutshala emakhaya abo.
“Mina ngizokugqamisa ukuthi ukutshala iyona ndlela okumele siphile ngayo manje. Ukuzitshalela nje amahlamvu okupheka athandwa nguwe kungakongela eningi imali kabi. Nasezitolo esizobonakala sihamba kuzo sithatha imikhiqizo engabizi,” kuchaza yena.
Uthe uhlelo luqale ngesikhathi abaningi bexakekile njengoba imali ingekho nezingane zibuyiselwa ezikoleni.