USEBENZISE ucwaningo abelwenza enyuvesi ukusungula ibhizinisi. UNksz Lindelwa Mhlamvu (26), waseMzimkhulu, usanda kuphothula iziqu zeBachelor of Science, egxile kwiBiochemistry neChemistry e-UKZN.
Usungule inkampani ekhiqiza izinto zokugcoba iThema Cosmetics, esebenzisa izitshalo zixutshwa nempepho. Ngokusho kukaNksz Mhlamvu ucwaningo lumnike ugqozi lokuthi abheke izitshalo ezijwayelekile ezisetshenziswa emakhaya ukuthi zingaba naluphi usizo empilweni yabantu.
UNksz Mhlamvu uthe ubeyingxenye yezitshudeni ezenza ucwaningo ngentelezi isivimbampunzi (i-tulbaghia violacea), okuthe ngo2019 kwatholakala ukuthi isiza ekulawuleni ukwehla nokwenyuka komfutho wegazi, i-blood pressure (BP).
“Ngesikhathi senza ucwaningo nozakwethu ngabona ukuthi izihlahla esizijwayele ezisetshenziswayo zinezithako esithi uma sizibheka ngokwesayensi, sibone ukuthi singawusizo kubantu. Kepha sidinga ukuthi sizihlole sibone ukuthi njengamanje lezo zihlahla zingabasiza kanjani abantu,” kuchaza uNksz Mhlamvu.
Uqhube wathi ngesikhathi enza ucwaningo ubeseqalile ukuzenzela i-tissue oil abeyigcoba ukuze ingagqami iminyama esemzimbeni (strech marks).
“Ngithe angibuke izitshalo ngasekhaya kanti impepho ingezinye zezinto ezisetshenziswayo ukuze kuxhunywane nabadala ngomoya. Ngithe ake ngingene e-laboratory ngibheke ukuthi yini etholakala kuyo engaba wusizo emphakathini. Ngathola ukuthi ibulala amagciwane, ngase ngiyisebenzisa ukuze ngenze insipho ogezayo ngayo kufe amagciwane, okungenzeka ukuthi uwathole ngesikhathi usebenza. Into ebulala amagciwane yinto esiyidingayo empilweni yethu,” kusho umphathi wenkampani.
Uqhube wathi okunye okwenze ukuthi asebenzise impepho wukuthi ubengafuni ukuthi kube sengathi zimbalwa izinto abantu abangazisebenzisa uma bethaka imikhiqizo yokugcoba nezinsipho.
“Abantu abaningi basebenzisa i-shea butter ne-avocado oil, kuze kube sengathi yizona kuphela izithako ezinothile futhi ezikwazi ukunakekela isikhumba. Kanti cha, ziningi kodwa kumele sizihlole ngokwesayensi, sazi ukuthi kumele ufake into engakanani ukuze kuphume umkhiqizo ophephile,” kuchaza intokazi.
Okwamanje uthi inkampani yenza imikhiqizo exube izitshalo zemvelo nehlanganiswe ngamakhemikhali.
“Uhlangothi lwamakhemikhali ngingene kulo ngenxa yokuthi isimo besiphoqa ukuthi kube khona engikwenzayo ngoba bese kuhlasele iCovid-19. Kwaphoqa yukuthi ngime kancane ekukhiqizeni izinto zokugcoba ngenza i-sanitiser nayo ebinegama lenkampani. Ithengwe kakhulu nokwenze ukuthi abantu abebeyithenga kwaba lula ukuthi bathenge eminye imikhiqizo engiyenzayo. Ngingasho nje ukuthi ukuphazamisa kweCovid-19 kungisizile ngoba kwenze igama lami laziwa ngokushesha. Angibange ngisaluyeka uhlangothi lwamakhemikhali, ngenza iziqholo, okokugcoba izandla ne-exfoliator.”
Okwamanje uNksz Mhlamvu akakabi naso isitolo, imikhiqizo uyidayisa ezinkundleni zokuxhumana bese eposela abakude. Eminye idayiswa eHarry Gwala Development Agency.UNksz Mhlamvu uthe okwamanje akakalutholi uxhaso usebenzisa imali ayitholayo ukuze athuthukise ibhizinisi.
“Ngisebenzisa imali engiyitholayo ukuze ngifeze iphupho lami noma kungathiwa incane kodwa iyawenza umehluko. Nginalo ithemba lokuthi ngelinye ilanga ngiyoluthola uxhaso kodwa ngeke ngihlale ngilulinde luyongifica ngisendleleni. Kunzima kodwa kuyenzeka,” kusonga uNksz Mhlamvu.