UKUGQOZA kwamathuba emisebenzi kuleli kungase kushabalale okwamazolo ebona ilanga uma iphupho lentokazi yaKwaMnqobokazi, eHluhluwe, lingafezeka.
UNksz Thando “BS” Gumede (30) usungule isikole samabanga aphansi esifundisa izingane zasemakhaya ngesayensi, ezobuchwepheshe, ezobunjiniyela, coding and robotics, iBSG and Technologies Combined Primary. Lesi yisikole sokuqala esizimele esisendaweni yasemakhaya esigxile kulo mkhakha. Uthe inhlosongqangi yaso ukuhlinzeka abafundi ngolwazi lwezobuchwepheshe, i-4th Industrial Revolution, ngenhloso yokuthi bengaphuthelwa ngamathuba emisebenzi.
“Okwamanje lesi sikole siqala kwaGrade RR sigcine kuGrade 9 kodwa ngiphokophele ukuba sigcine kuGrade 12 ngo-2026 futhi sibe sinabafundi abahlala ngaphakathi, i-boarding school,” kusho uNksz Gumede.
UNksz Gumede uyingane yesine ezinganeni ezinhlanu zikaMnuz Simon Bangani Gumede (ongasekho emhlabeni) noNkk Nomthandazo Philisiwe Gumede. Uyise unezingane ezingaphezu kuka-50.
“Umama nobaba babengasebenzi. Kumama ngiyingane yesine kanti kubaba singaphezulu kuka-50. Lokho kwenza ukukhula kwethu kwaba nzima kakhulu. Mina kwangenza ngaba nesifiso sokukhula ngilekelele esimeni sasekhaya esasingesihle,” kusho uNksz Gumede.
Uqhube wathi esakhula wayenothando lokuba wudokotela kodwa ngenxa yokungabikhona kwemali ekhaya wagcina esenza izifundo zeBSc Microbiology and Hydrology e-University of Zululand.
“Ukwenza lezi ziqu kwangenza ngabona igebe elikhona ezikoleni zasemakhaya ikakhulukazi lapho sekumele senze ama-experiment emalabolatory. Ezikoleni zethu ayengekho ama-laboratory,” kusho uNksz Gumede.
Waqala ngokusungula i-laboratory esiza abafundi basemakhaya ukuze bengabhekani nenkinga adlule kuyo. Ubebuye ahambele izikole ezisiza ngolwazi lwesayensi. Uthe ukukhula kwezobuchwepheshe kwenze imisebenzi yancipha nokuyikho okumenze wasungula lesi sikole.
Muva nje le ntokazi ichonywe uphaphe yinhlangano yabesifazane, iLadies of Liberty, ngokuphuma phambili kuMiss Tech Universe 2024/2025.
Uthe uhambo lwakhe kulo mqhudelwano alubanga lula neze njengoba ebemele iNingizimu Afrika emazweni awu-50 abekulo mncintiswano.
Uthe ezinyangeni eziyisikhombisa ngaphambi kokuthi kukhethwe ophumelele bekudingeka ukuthi nethimba lakhe baxazulule izinselelo ezithinta umkhakha wezobuchwepheshe nesayensi.
"Yize ngijoyine lo mqhudelwano sekuhambe isikhathi ngenxa yezinkinga zemali kodwa iNingizimu Afrika izabalaze kanzima yaze yangena ohlwini lwamazwe ayisihlanu, okuyiChina, Brazil, Egypt neZanzibar."
Uthe ukunqoba kwakhe akusho ukuphumelela kwakhe yedwa kodwa kusho ukuphumelela komphakathi waKwaMnqobokazi, eHluhluwe, ikakhulukazi abafundi basesikoleni sakhe.
Le ntokazi ibonge abantu abehlukene ababambe iqhaza ekuhlabaneni kwayo ngalesi sicoco, okubalwa kubo iMeya kaMasipala weBig 5 Hlabisa, uMnuz Comfort Khumalo, uNgqongqoshe wezeziMali eKZN, uNkk Peggy Nkonyeni, noDkt Nonhlanhla Mkhize weHhovisi likaNdunankulu namathimba abo.
Le ntokazi ithe izobungaza ukuwina kwayo eZambia ngoMeyi 27, idlulele eZimbabwe, eChina, e-India, e-USA, eBrazil naseFrance.
UThando ubengaqali ukuhlabana emqhudelwaneni wamazwe ngamazwe njengoba eke wawola isicoco sikaMiss Dot Africa 2022 Seed Awards futhi waze wamela i-Afrika eBangkok nasePataya.