UKUDLA ukudla okunamafutha amaningi, okugayiwe nokunoshukela omningi uma ukhulelwe, kungabeka engozini impilo yakho neyengane oyikhulelwe.
Ongoti bezempilo bathi nakuba omama kuba khona izinto abazithandiswayo kubalulekile ukuthi bagweme ukudla kakhulu okunye ukudla noma ngabe bazizwa bekuthanda ngoba kungabeka engozini impilo yabo kanye neyomntwana.
UNkk Phumzile Kwishana, umhlengikazi osethathe umhlalaphansi, onenhlangano ebhekelele amantombazane akhulelwa esemancane, iPhilakahle, uthe abanye omama abakhulelwe bakhonze ukudla amazambane athosiwe afakwe amasosi, amagwinya, ama-russian nokunye ukudla okusheshayo. Ngaphezu kwalokho baphuze onemenayidi, badle oshokoledi namajusi anashukela.
Uthe ukudla ama-shibusi athosiwe kuholela ekutheni umama abelethe ingane enesisindo esincane.
Ucwaningo olwenziwe yi-US Food and Drug Administration muva nje, luveza ukuthi ukudla kakhulu okuthosiwe ngamafutha ashisa kakhulu njengama-shibusi amazambane athosiwe nokunye ukudla okuthosiwe, kuholela ekutheni kwakheke ikhemikhali i-Acrylamide, egazini.
Le khemikhali yenza ukuthi ikhanda lengane libe lincane kunosayizi wekhanda lengane elifanele, nesisindo sayo ingane sibe sincane.
Okunye okuvezwe wucwaningo ukuthi ukudla izicoficofi kungaholela ekutheni umama akhuluphale ngokweqile, nengane ayikhulelwe ibe nkulu ngokwedlulele okungaholela ekutheni abelethe ngaphambi kwesikhathi noma abelethe ingane isishonile.
Luqhuba luthi umama wengane odla izicoficofi uhlale ezela, abe nesilungulela, kunamathuba amaningi okuthi ahlaselwe yisifo sikashukela, igestational diabetes.
Usokhemisi waseMedipost Pharmacy, uNkk Thembeka Gule, uthe enye yezinto ezibalulekile okumele uziqaphele uma ukhulelwe ukuthi udlani, ulandela imikhuba emihle yempilo nokuqaphela imithi oyisebenzisayo ukuze ingabeki impilo yengane engcupheni nokuthi iphephile uma uncelisa.
Uqhube wathi i-folic acid, i-iron, amavithamini B, i-omega-3 fatty acids, i-calcium, novithamini C abalulekile kowesifazane okhulelwe futhi kungaqhutshekwa nawo nangesikhathi uncelisa.
Uthe okubalulekile kowesifazane okhulelwe ukugwema i-caffeine, ugwayi notshwala.
Ukungadli inhlanzi eluhlaza noma engaphekiwe, inyama noma amaqanda.
Ungasebenzisi ubisi olungaxutshiwe nemikhiqizo yobisi, kuhlanganise noshizi othambile.
Ungadli izinto ezingezona ukudla njengobumba noma inhlabathi.
Uthe kubalulekile ukuthi okhulelwe azilolonge ngokujwayelekile okungaba yi-yoga, ukuhamba hamba noma ukubhukuda.