UKUKHULA kunomthelela omubi ezinweleni zomuntu njengoba eba nezinwele ezimpunga, eziphephezelayo ngenxa yokukhula.
Isikhulu esiphezulu senkampani yezempilo i-Affirnity Health, uMnuz Murray Hewlett sithe ukukhula kuza noshintsho esikhumbeni, ezinweleni nakwezinye izingxenye zempilo yomuntu.
Uthe kubalulekile ukuthi okhulayo azinakekele ngoba ngeke ahlehlise isikhathi, kodwa angaqinisekisa ukuthi ubukeka kahle noma iminyaka isihambile.
UHewlett uthe ezinye zezimpawu zokuthi umuntu usekhulile wukuba mpunga kwezinwele okwenziwa wukuthi umzimba usuke ungasakhiqizi i-melanin eningi, okuholela ekutheni izinwele zilahlekelwe wumbala wazo ojwayelekile. Zigcine sezimpunga.
Abanye baba nenkinga yokuthi uma sebekhulile imizimba yabo ishintshe amahomoni bese kwehla izinwele ekhanda.
Abanye bagcina sebenesifo esibizwa nge-Androgenetic alopecia okuyisifo esiqeda izinwele. Abesifazane bagcine sebenokubizwa ngenjibs kanti amadoda aba nempandla.
Uma abantu bekhula izinwele zabo zibuye zishintshe indlela ezibukeka ngayo. Isibonelo nje uma umuntu kade enezinwele ezishelelayo eziningi, kuyenzeka uma esemdala abe nezinwele ezingamaqatha ezomile.
Lokhu uHewlett uthe kudalwa wukuthi ikhanda lisuke lingasakhiqizi amafutha agqugquzela ukukhula kahle kwezinwele.
Abanye baye bakhale ngokuthi izinwele zabo azisasheshi ukukhula njengoba kwakwenzeka besebancane.
UHewlett uthe konke lokhu kuyingxenye yokubamdala ngoba uma umuntu esemncane eneminyaka emibili kuya kweyisikhombisa, izinwele zakhe zikhula ngo-1cm njalo emuva kwezinsuku eziwu-28. Lesi sigaba sibizwa nge-anagen growth phase.
Emuva kwalesi sigaba kulandela esibizwa nge-catagen phase lapho izinwele zifike zikhule zibuye ziyeke ukukhula isikhathi esingamasonto amabili.
Kulandela isigaba esibizwa nge-telogen phase esiba yizinyanga ezintathu lapho izinwele zingakhuli kodwa zingaqothuki futhi.
Siyahlala lesi sigaba bese kuphinda kuqala phansi kulesiya sigaba se-anagen.
Uthe kuyenzeka ukuthi umuntu aqothukelwe yizinwele eziwu-50 kuya ku-100 ngosuku kanti njalo ngonyaka ziyashintsha izigaba zokukhula kwezinwele zakhe.
UHewlett uthe kubalulekile ukuthi umuntu azinakekele izinwele zakhe noma ngabe usekhulile.
Ugqugquzele ukuba ziwashwe ngamashampoo zifakwe ne-conditoner kodwa kusetshenziswe imikhiqizo engenawo amakhemikhali alimazayo (harsh chemicals).
Uthe kubalulekile ukuthi izinwele zingahluthulwa futhi zingashiswa ngama-hair dryer kodwa ziyekwe zizomele ngoba ukuzishisa kuyaziqothula.
Ubalule ukuthi alikho ihlazo ekubeni nezinwele ezimpunga ngakho abantu kumele bazamukele.
Abaningi bavamise ukudaya uma sezimpunga, uHewlett uthe lokhu kuyazilimaza izinwele, kungagcina sekumqothula umuntu.
Ugqugquzele abantu ukuthi basebenzise imikhiqizo eyenza sengathi banezinwele eziningi, okubalwa izifuthi nokunye okwandisa izinwele.
Ukudla okunomsoco okubalwa okunama-vitamin nama-minerals afana no-A,B, C, D, E,iron, zinc ne-omega3 nakho kuyasiza kakhulu.
Uphethe ngokuthi uma umuntu ekhathazekile ngoshintsho olwenzeka ezinweleni zakhe, kufanele axhumane nodokotela wesikhumba noma ongungoti wezinwele nesikhumba sasekhanda obizwa nge-trichologist.