IBALELWA ku-100 000 imizi kuMasipala uMsunduzi KwaZulu-Natal okungalandwa kuyo imfucuza masonto onke. Izakhamuzi ezikhungathekile ziphoqeleka ukuthi zilahle udoti wazo ezindaweni ezingekho emthethweni noma ziwushise, okwandisa izinga lokungcola. Yingakho ebalulekile amabhizinisi amancane afana noMk Green Solutions.
UPhumelele Mahlinza, 34, ongumsunguli weMK Green Solutions, usephendule umsebenzi wakhe waba yibhizinisi elithuthukayo elingagcini ngokuqoqa imfucuza kodwa liphinde libe nomthelela omuhle kwimvelo.
Umbono waleli bhizinisi:
Kunzima ukuziba inkinga yokungaqoqwa kukadoti eMgungundlovu, ngoba kuhlale kusemehlweni abantu ukunqwabelana kwezikhwama zodoti zikleliswe emigwaqweni yasedolobheni, ezindaweni zasemakhaya, emalokishini nasezindaweni zokulahla imfucuza emiphakathini.
“Ukubona ukuthi umasipala wethu awukwazi ukuphatha udoti ngendlela efanele, yikona okungenze ngafuna ukuba yingxenye yesixazululo sale nkinga,” kuchaza uMahlinza.
Umbono wakhe uholele ekuzalweni kwe-MK Green Solutions, inkampani ezinikele ekulawuleni udoti kanye nokugaywa kwawo kabusha (recycling).
I-MK Green Solutions yaqala kancane, lapho uMahlanza nabafowabo ababili besebenzisa iFord Figo ngemizamo yabo yokuqala yokuhlanza umphakathi ngo-2018.
Namuhla, inkampani inabasebenzi abayisishiyagalolunye.
“Ukudala amathuba omsebenzi nokuba negalelo elihle emphakathini nasendaweni kungilethela ukwaneliseka okukhulu,” usho kanje uMahlinza.
Ngokungafani namabhizinisi endabuko okuphatha udoti, inkampani igxile ekuqoqeni imfucuza ezindaweni ezinganakekelwa kakhulu - ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini - lapho izinsiza zokulawulwa kwemfucuza zingekho khona.
Ezindaweni ezifana nelokishi laseFrance, iWillowfontein, neMpendle, iMK Green Solutions isisungule izinhlelo zokugqugquzela izakhamuzi ukuthi zishintshisane ngodoti ngamavawusha asebenzisekayo ezitolo zendawo.
Lokhu kunikeza amalungu omphakathi umthombo wemali ngenkathi kugcinwa imigwaqo ihlanzekile futhi kusekela umnotho wendawo.
“Sijutshwe uMasipala weNdawo Inkosi Langalibalele ukuthi sigaye kabusha imfucuza eyinqwaba futhi siyiqoqa kabili ngesonto,” usho kanje..
Izixazululo ezintsha ezinomthelela omuhle
Amathani ayizigidi eziyishumi okulahlwa kokudla aphelela ezindaweni zokulahla udoti minyaka yonke eNingizimu Afrika. Okuhlukanisa i-MK Green Solutions ukuzibophezela kwabo ekunciphiseni imfucuza enomthelela omubi kwimvelo. Bahlukanisa imfucuza evamile nemfucumfucu yokudla, ebuye ifakwe umquba esikhundleni sokuphelela ezindaweni zokulahla imfucumfucu - ivula inani elithe xaxa ngokusebenzisa indlela yomnotho oyindilinga yokulahlwa kokudla.
Le nkampani futhi ihlinzeka ngokubika kwezemvelo, okomphakathi, nokuBusa (ESG), enikeza amakilayenti i-akhawunti enemininingwane yomthelela wawo wokugaywa kabusha kwadoti.
“Siqinisekisa ukuthi sakha inzuzo enkulu ngokuqinisekisa ukuthi yonke imfucuza egaywa kabusha,” kugcizelela uMahlinza.
Izinselelo kanye nokunqoba
Ukusebenza embonini ebuswa kakhulu ngabesilisa abaningi abamhlophe kuye kwaba nezinselele.
“Ukuba ngowesifazane osemusha omnyama kulo mkhakha kusho ukuthi uhlale uzibonakalisa kumakhasimende,” kusho uMahlinza. Yize eqale ngolwazi oluncane ngalo mkhakha, usebenze kanzima, wenza ucwaningo olunzulu futhi wazihlomisa ngolwazi oludingekayo ukuze aphumelele.
Njengamabhizinisi amaningi amancane ukuhamba kwemali kusalokhu kuyindaba ebalulekile, ikakhulukazi lapho amakhasimende kwesinye isikhathi ebambezela izinkokhelo.
UMahlinza uthi nokho, uhlelo olusha lokukhokha iyabasiza ukuthi banqobe lokhu.
Uhambo lwakhe olusuka ekubeni uchwepheshe wezokwakha (architectural technologist) ekubeni usomabhizinisi olawula imfucuza lwaphefumulelwa umkhulu wakhe owayengusomabhizinisi owaphumelela ngezikhathi zobandlululo.
UMahlinza uthi umkhulu wakhe wayenamabhasi, amatekisi, isitolo esikhulu nebhusha. “Uma engaphumelela ngaleso sikhathi, mina manje sengingakwazi ukuphumelela ngenxa yamathuba enginawo ayengenawo yena,” esho ngokuzethemba.
Umsebenzi walona wesifazane osemusha kuMK Green Solutions awugcini nje ngokubhekana nezinselelo ezibalulekile zokulawulwa kwemfucuza, kodwa njengoba inkampani iqhubeka nokukhula ngokubanomthelela omuhle, ikhuthaza isizukulwane esilandelayo sosomabhizinisi iphinde igqugquzele ukunakekelwa kwemvelo.