UNXENXE abesifazane ukuba basebenzise ubuchwepheshe ukuzithuthukisa uNksz Nolwazi Moepeng we-Elsali Guest House ebiyaziwa ngokuthi yi-Abbots Cove Guest House eseHilton, eMgungundlovu.
UNksz Moepeng owenza ama-software systems njengoba eneziqu ze-Information Technology, uthe ubuchwepheshe bungenza impilo kasomabhizinisi ibe lula.
Uveze ukuthi njengamanje abantu abasasunguli izindawo zokuhlala izivakashi kodwa sebekwazi ukuqashisa ngamagumbi emizini yabo kuhle kwezindawo ezibhaliswe ngokusemthethweni zokuvakasha.
Uthe abanikazi bezindawo zokuvakasha ezibhaliswe ngokusemthethweni abakwazi ukuluvimba lolu hlelo olwenziwa kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje kodwa kufanele nabo babe yingxenye yalo
“Mkhulu umncintiswano ezindaweni zokuhlalisa abantu ngoba manje nomakhelwane bakho sebengabhalisa ku-Air BnB, baqashise ngamagumbi abo okulala. Ngeke ubavimbe ukwenza lokhu ngoba uhulumeni wavuma ukuthi kwenzeke. Into ongayenza wukuthi nawe ungene kulobu buchwepheshe ubhalise ukuze uzokwazi ukuhlomula. Kubalulekile ukuthi noma uyibhizinisi elibhaliswe ngokusemthethweni uzijwayeze ubuchwepheshe ngoba bushintsha indlela owenza ngayo ibhizinisi,” kuchaza uNkk Moepeng
Uthe unabasebenzi abahlanu kanti wakhetha ukungena emkhakheni wezokuvakasha ngenxa yokuthi unamathuba amaningi.
Uveze ukuthi ozakwabo babemhleka bethi lo mkhakha ngowabantu asebethatha umhlalaphansi kodwa yena akaboni kanjalo.
Uthe ibhizinisi balivula ngo-2019, belithenga kwenye inkampani kanti baqala ukulisebenza ngoJulayi kodwa bathi besachithe izinyanga ezimbalwa kwabheduka iCovid-19.
“ICovid-19 iye yasiphazamisa kodwa manje sesibuyile ngenxa yezinhlangano ezifana neTourism KwaZulu-Natal. Iyona esisizile ukuhloma ngamakhono afanele kulo mkhakha. Iyasithatha isihambise nakwamanye amazwe lapho sizikhangisa khona. Ngisanda kuya naseZambia nabanye osomabhizinisi, sakwazi ukuzikhangisa nokuhlangana njengosomabhizinisi,” usho kanje.
Ucele uhulumeni ukuba aqhubeke nokutshala imali emkhakheni wezokuvakasha ngoba lokhu kusiza osomabhizinisi abancane ukuheha izivakashi eziningi nokudala amathuba omsebenzi.