AMALUNGELO abantu besifazane abanemizimba esebenza ngokwehlukile isashaywa indiva ngabengamele ezokusubatha emhlabeni yize umthetho uthi nabo banamalungelo.
Lokhu kuvele esigcawini ebesidingida ngokuhlukumezeka kwabasubathi besifazane abanemizimba esebenza ngokwehlukile, ngesikhathi kune-UNIADS 68th Commission on Status of Women muva nje.
Ikhomishana yokulingana ngokobulili kuleli, iCommission for Gender Equality (CGE) yenze isigcawu ebihlose ngaso ukuthi kubhekwe ukucindezelwa kwamalungelo abantu besifazane abanemizimba esebenza ngokwehlukile.
Lokku kusebenza kwaziwa nge-Different Sexual Development (DSD) kwezemidlalo ezingeni lomhlaba, ebesilalelwe ngezobuchwepheshe. Kugxilwe ngendlela uCaster Semenya ongumsubathi wakuleli aphatheka ngayo.
U-Adv Majankonyane Gumbi oyi-United Nations Special Rapporteur, kulesi sigcawu, uthe uhlaka olubhekelele amalungelo abantu emhlabeni lwakhiwa ngo-1948, kodwa ngo-2019 uSemenya wenqatshelwa yinkantolo yaseSwitzerland ukuthi agijime ibanga elingu-400m, 800m no1 500m.
Le nkantolo yayisebenzisa imithetho ka-2018 ye-IAAF, esibizwa nge-World Athletics evimbela uSemenya nabanye abasubathi abaneDSD ukuthi bagijime emijahweni ethile.
USemenya waya enkantolo i-European Human Rights Court wawina kodwa waphinde wabhekana nenkinga eTokyo, enqatshelwa ukuthi agijime eminye imijaho.
"Kuyamangaza ukuthi kuze kwafika lapho kuthiwa akasebenzise izinto ezithile zokuthi ehlise ukusebenza kwehomoni i-testosterone, ukuze avunyelwe ukungena emcintiswaneni wabantu besifazane ngoba ubengatshazwa ukuthi ungumuntu wesifazane.
“Sinejoka lokuthi sivikele abantu besifazane abafana noSemenya ngoba bangabantu besifazane kodwa imizimba yabo isebenza ngokwehlukile ngoba ikhiqiza itestosterone eningi," kusho u-Adv Gumbi.
UDkt Tlaleng Mofokeng oyiSpecial Rapporteur kuleli, uthe imibandela yokuncitisana kwabasubathi emhlabeni iyashayisana namalungelo abasubathi abaneDSD.
"Miningi imigomo ebekwa izikhungo ezibhekelele ezemidlalo enqinda abantu besifazane abaneDSD ukuthi nabo bafinyelele esigabeni esilinganayo nabantu besilisa. USemenya akuyena kuphela oseke wafinyelela kuma-Olympics omhlaba oneDSD.
“Bakhona ababhukudi okwaziwayo ukuthi imizimba yabo ikhiqiza i-acid eyenza babe namandla ngaphezu kwabanye abangamadoda, abakaze bamiswe. USemenya kuze kwafika ezingeni lokuthi ahlolwe ubulili nokuyinto ehlambalazayo," kusho uDkt Mofokeng
UDkt Joyce Mutinda waseKenya uthe abantu besifazane basacwaswa kakhulu kwezemidlalo, uma kubheka iholo labo, ukunganikwa ithuba lokuthi babe ngabaqeqeshi bemidlalo ethize nokunye.