AKAYISABI inselelo owesifazane osanda kuqokelwa esikhundleni sokuba yiPhini leShansela eMangosuthu University of Technology (MUT).
USolwazi Nokuthula Sibiya, uKaMajozi, uyintokazi ezalelwe eMlaza, wafunda ezikoleni zakuleli lokishi ngaphambi kokuthi ayofundela ubuhlengikazi Ongoye, uqala namhlanje esikhundleni.
Uthe ukuqokelwa esikhundleni kumnikeza ithuba lokuthi abuyisele emphakathini wangakubo ngoba umuntu akakhuliswa ngabazali bakhe kuphela, ukhuliswa umphakathi wonke.
Uthe wafundela ubuhlengikazi Ongoye, wasebenza izinyanga eziyisithupha kuphela, wesula emsebenzini wabuyela edesikini eseyofundela ukufundisa abanye abahlengikazi.
"Ngaba nenhlanhla yokuthi ngifunde ubuhlengikazi enyuvesi okwakuyinto eyayiqala ngaleso sikhathi. Lokho kwangenza ukuthi ngazi kabanzi ngalo mkhakha, ngibone nokuthi kuningi engingakwenza kunokuthi ngisize iziguli emtholampilo noma esibhedlela. Ngaba nenhlanhla futhi yokuthi umndeni engizalwa kuwo wangeseka esifisweni sami yize kwakungewona umndeni ocaphuna kusale. Ngesula emsebenzini ngiyokwenza iziqu zeNursing Education & Admnistration ,"echaza.
Waphuma lapho waqashwa wafundisa abanye abahlengikazi eMontebello School of Nursing, naseMshiyeni Memorial, ngaphambi kokuthi aye eDurban University of Technology (DUT), ngemuva kokuphothula iMasters in Nursing khona.
Kule nyuvesi uqokelwe ezikhundleni eziningi okubalwa i-Head of Nursing Department, i-Executive Dean in Faculty of Health Sciences, ebhekelele iminyango (departments) engu-11 yezempilo engaphansi kwalo mkhakha. Ngo-2020 waba iDeputy Vice-Chancellor: Teaching and Learning kuyo le nyuvesi.
Ujoyine iMUT eyoba iphini leshansela ophikweni lwe-Research Innovation. Uqokelwa esikhundleni nje ubeyibamba kuso kusukela nyakenye.
"Abesifazane ezikhundleni zokuphatha ezikhungweni zezemfundo eziphakeme baseyingcosana. Kusukela ngo-1994 bangu-20 abesifazane abake baqokelwa ezikhundleni zokuphatha emanyuvesi angu-26 ahulumeni. Njengamanje bayisithupha abesifazane abaphethe amanyuvesi. Kusukela ngenyanga ezayo bazoba yisikhombisa ngami. Kunamanyuvesi angakaze aphathwe ngumuntu wesifazane kusukela yangena intando yeningi. Indaba ka-50/50 ayikenzeki nhlobo," kusho uSolwazi.
Uthe uyethemba ukuthi njengoba ungqongqoshe omusha ophethe uMnyango weMfundo ePhakeme, kungumuntu wesifazane uzokubheka nalokho yize kuyimikhandlu yokuphathwa kwamanyuvesi eqasha oshansela.
USolwazi uqhube wathi akuzuba umsebenzi olula ukuphatha inyuvesi ngesikhathi lapho kunezinselelo eziningi ezithinta imali, okwenza ukuthi kube nzima ukusebenza ngoba imali ekhona incane kunezidingo ezikhona.
"Amanyuvesi amaningi abhekene nenkinga yokuntula imali ukuze sibhekane naleyo nselelo sesenze izivumelwano nezinkampani zaphesheya ukuze zisilekelele. Okunye esesikuqalile ukuba nesikhungo esizocija abafundi ngamakhono amabhizinisi ukuze bakwazi ukuba abaqashi bangabheki ukuqashwa kuphela," echaza.