UKWAZIWA ukuthi uyintombi nto ezikhungweni zemfundo ephakeme kukudonsela amehlo nabantu abafuna ukuhlale bekulinga.
Lokhu kushiwo yizintombi nto ezifunda ezikhungweni zemfundo ephakeme ezithi uma uyintombi nto akumele ube wuvanzi yize nawe usuke ungumuntu omusha ofisa ukuya ezindaweni abanye abantu abaya kuzona.
Bathi kumele uhlale uqaphele ukuthi uhamba nobani nokuthi abantu abaseduze kwakho bazizwa kanjani ngesinqumo sakho, uma wenze njalo uyakwazi ukusimela isinqumo sakho. UNksz Noluthando Nkabinde (20) ohlala ePitoli kodwa odabuka eNewcastle ofunda e-Unisa, uthe akaxoxeli bonke abantu ngokuthi uyintombi nto ngoba usuke egwema ukuthi kuzoba nabahlale befuna ukumlinga.
"Ngazithathela isinqumo sokuthi ngifuna ukuhlolwa ngingakazi ukuthi kanti ukuhlolwa kusho ukuthini. Ngangibuke ithelevishini ngabona ukuthi izintombi ziya kuMkhosi woMhlanga. Ngaba nothando ngacela ugogo ukuthi angichazele. Wangihambisa e-Alexandra ngayojoyina iqembu lezintombi nto. Ngazizwa ngisekhaya lapho ngoba into ekhulunywayo ukuzigcina nezinye izinto ezithinta ubuntombi. Kulapho ukhuluma ngokukhululeka khona," kusho yena.
Uqhube wathi wayefuna ukunqamula ukhondolo lwamantombazane athola izingane esesesikoleni emndenini wakhe futhi efuna ukwenzelwa umemulo.
"Umama wangithola eneminyaka ewu-18, ngazibekela ukuthi ngizoqale ngiqede izifundo zami zasenyuvesi, ngaphambi kokuthi ngizibandakanye nokuya ocansini. Ngiyazikhipha nodadewethu, ngiphuze ngokwamukelekile kodwa angiqomile ngoba angifuni into ezongibangela ingcindezi," kusho yena.
UNksz Nkabinde uthe ngeledlule sifezekile isifiso sakhe njengoba kade emuliswa. Uthe kube lula ukuthi ajoyine izintombi nto zaseNewcastle ebezizomsinisa.
"Ekhaya bekuqala ngami ukuthi kube nomemulo wentombi nto. Kufike abantu abaningi abanye bengikhuthaza, abanye bengipha izipho. Ngisazoqhubeka ngizigcine, njengamanje ngilungiselela ukuya emhlangeni. Ngizobuyela ePitoli ngemuva koMkhosi woMhlanga," kusho uNksz Nkabinde.
UNksz Wandile Khumalo (27) osanda kuthola iziqu zeBachelor of Health Science, eDurban University of Technology (DUT), owasungula inhlangano yezintombi kulesi sikhungo, iZimbali zeDUT Virgins Society, uthe ingcindezi iba nkulu uma kwaziwa ukuthi uyintombi nto ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Uthe izitshudeni eziningi zisuke ziqala ukuhlala ngazodwa kade zihlala nabazali kuningi ezikwenzayo ngoba ziqala ukuba nenkululeko.
"Okubalulekile ukuthi uzihlanganise nabanye abafana nawe ngoba kuba yinto engakholeki ukuthi uyintombi nto nokuthi ufuna ukuhlala unjalo uze uqede ukufunda. Abanye basuke befuna ukukuyengela ezindaweni eziyingozi ngoba befuna ukuthi nawe ugcine ungeseyona intombi nto. Yingakho ngabona ukuthi akube nenhlangano esizokhuthazana kuyo, sikhulume ulimi olufanayo njengoba benza nalaba abahamba ubumnandi," kusho uNksz Khumalo.
Uthe ezinye izintombi ziyaba nawo amasoka kodwa eziningi ziye zingathandi ukuqoma ngenxa yengcindezi ehambisana nokuqoma uma ufuna ukuzigcina uyintombi nto.
UNksz Khumalo njengamanje useyasebenza kodwa uthi akakaziboni eyeka ukuba yintombi nto kuze kube useyihlele kahle impilo yakhe.