LALELANI bantu besifazane! Kade sasikhuzwa ngabafana kepha asilalelanga. Nami nje, ngiyazibala futhi ngiyazisola. Okubuhlungu ukuthi ngisaqhubeka nabo ngoba abayekeki.
Namhlanje ngifisa sibonisane singabantu besifazane, ngamasu aphusile okugwema ukuthi sikhulelwe kungafanele. Kusobala njengezinqe zesele ukuthi abesifazane bazithela kwabesilisa abasuke bengabathandi kodwa abasuke befuna ukuzithokozisa ngenkomo nje kwaphela. Kugcine kuphuma ungiyosho ekhaya lowo mnyama.
Ngifuna ukuxwayisa abesifazane ukuthi ake bame kancane ngokukhulelwa. Ngibhekise kakhulu kwabakhulelwa isisu somuntu abangakamqondi futhi okungacaci kahle uthando lwakhe.
We bantakwethu! Bayingcosana abantu besilisa abazondlayo izingane! Omunye umgcina mzukwane umtshela ukuthi ukhulelwe. Omunye wenza sengathi uyakweseka kepha akulaxaze uma usuzele. Omunye ondle kodwa akufundekele ibhadi. Kumnandi uma kusakhandwa ingane kodwa kunzima uma sekumele kondliwe kukhuliswe ingane. Ngifisa inkulumo ingene igxile kwabesifazane okuthi angathandana nendoda, usefuna ukuyizalela ingane. Angisho ukuthi ngiyanilawula kodwa akubukeki uma umuntu esenezingane ezintathu kobaba abahlukene futhi ezingondliwa ngenxa yokuthi uma ethandana nomuntu uvele azale. Ngikusho ngoba ngiyazi ukuthi nikwenza ngamabomu lokhu. Kangithi ukukhulelwa kuyavikeleka?
Njalo umelwe ukuthuka obaba bezingane uma bengasondli ekubeni wazi ukuthi nguwena ongazange uhlele umndeni. Okumele nikwazi ukuthi ngisho umfana angakuthembisa izulu nomhlaba kodwa uma sekukhona ingane kuyashintsha ukudla epletini. Akufani nesikhathi nisajola, kukuhle. Dadewethu umfana uma ethi ucela ingane, umuzwe kodwa ungamlaleli. Ngaphandle-ke uma ufuna ukuzilandela ukhwantalala luzihlalele kude.
Asithi noma sibathanda abafana kodwa singavumi basididise. Asithi sijola kodwa ingqondo isebenze kahle ngoba akudlali ukukhulisa ingane wedwa. Ngiyabadabukela abasacabanga ukuthi ukuze ubambe indoda kufanele uyizalele ingane. Nisazokhala ngoba kuyacaca ukuthi abafana anibazi kahle. Noma ngabe uyithanda kangakanani leyo ndoda kodwa ungamithi. Hamba uyohlela umndeni.
lndoda uma ikuthanda, ngeke nje ifune ukukuzalisa kodwa izoqale yenze izinhlelo zokuyovela kini, ingane isingaziqhamukela endleleni. Kubuhlungu ngoba sikhuluma ngokondliwa kwengane nje kusuke kusamele ubhekane nabazali bakho abalindele ukuthi njengoba ukhulelwe nje, kumele uhlawulwe. Kasithi uyakhulelwa, kumele usheshe ubone ukuthi ibhemile uma isoka lakho lingayi kini liyoziceba ukuthi selikukhulelisile. Utatazelisa abazali bakho manje bayobikana nesisu bafike bangatholi nanhlawulo.
Ngiyazi abafana izobadina lento ngoba kuyabajabulisa uma sesondla sodwa, omunye avike ngokuthi akasebenzi. Uzitika kanjani ngocansi ungafake khondomu uma ungasebenzi noma unezinselelo zemali. Kanti ucabanga ukuthi kuzophuma amanzi okugeza izitsha yini kumphambili wakho? Wena dadewethu ngenkathi uthi “lifake lonke baby“ endodeni engasebenzi ungawuhleli mndeni, usuke uthembeni ? Bese kuba owesifazane othi indoda imtshele kahle ukuthi ayifune ngane, aqhubeke angahleli. Bodadewethu, yekelani ukugembula ngempilo!
Ngicela sivule ingqondo bantu besifazane, sigweme ukuzalela amadoda angasithandi futhi angasenzelile lutho. Intombazane enengqondo ngeke ikhulelwe ngoba indoda yayo ihamba ngemoto noma ithi ifuna ingane.
Unyaka omusha lo, zala ngoba uthanda futhi unezinhlelo zokukhulisa ingane yakho. Ungazali ngoba nakhu uthanda umuntu ongenandaba nawe. Ngifuna ngonyaka ozayo angabikhona umuntu ozolokhu ethuka noma ebalisa ezinkundleni zokuxhumana ngoba ingane yakhe ayondliwa okanye ulaxawe ngubaba wengane. Noma kungenzakalani empilweni yakho kodwa UNGAMITHI.