NGISIZEe MaGumede nakhu ngizohlanya. Ngineminyaka ewu29 ngithandana nendoda eneminyaka ewu40 ubudala. Sineminyaka emithathu sithandana, ngonyaka odlule ingitshele ukuthi izoya ekhaya ukuyolobola. Ibe isingicela ke nokuthi ngibuze ngasese umama ukuthi uma kulotsholwa ekhaya kudingekani. Yathi ifuna ukuyongizeka bese ishiya nezinkomo ngelanga elilodwa. Ngiye ngakhuluma ke nomama, wangitshela okudingekayo. Ngabuyela kuyona, yanquma inyanga bese kusele usuku oluqondile. Yayithe kuzoba wuMashi walo nyaka. Umama akeve ejabule, nodadewethu esengibatshelile. Manje into engihlezi emahlombe, isiyajika ithi ayisazimisele ngokuya ekhaya ifuna ukuthenga imoto kuqala. Ibala nokuthi ifuna ukwakhela unina indlu. Izinto engakaze yazisho. Ngibona sengathi kunciphe uthando noma sekukhona omunye osengigudluzile. Ngaze ngaphatheka kabi MaGumede.
Impendulo
Ibuhlungu into obhekene nayo dadewethu. impela nami ngivumelana nawe, kukhona osekushintshile. Indoda ingashintsha olimini, kukhona okusuke sekushaya amanzi. Qunga isibindi ubatshela odadewenu nomama wakho ukuze nabo bazilungiselele ngokuphoxeka. Phuza amanzi abandayo wehlise umoya ukuze ungangenwa wukhwantalala, izinto ezinje ziyenzeka. Hlala naye phansi umtshele ukuthi uyabona ukuthi kukhona osekushintshile nokuthi usuphoxeke kanjani. Mcele akutshele iqiniso ebese nawe unqume kusukela lapho ke. Donsa umama wakho ngendlebe ukuthi kungabi khona muntu azomhlebela le ndaba ukuze ungaqhubeki uphoxeke nangakini.