YONKE imicimbi inendlela okumele uswenke ngayo noma uhlobe ngayo. Uma uya emshadweni, kuyaziwa ukuthi kumele uqale uyosika umswenko. Umcimbi wesintu nawo ufuna uvunule uconse. Akwehlukile ocansini! Ukuya ocansini wumcimbi okumele uwuthakasele, uma ikhona indlela, uwuvunulele impela ukuze nijabule nobabili.
Ngiyazi ukuthi abanye abafuni nokuthi ungene embhedeni usagqokile ngoba ingqondo yabo isuke isithe njo, kulokho okumele kwenziwe. Kodwa namhlanje ngifuna ukubashintsha umqondo. Ngifuna ukubatshela ukuthi kumnandi ukuqala umcimbi ngokujabulisa ihlo ungakangeni kwindikimba yomcimbi.
Lokho kukodwa kuyayilola imizwa yocansi, uqambe uzikhumula lezo mpahla okuthiwa ‘zisexy’, usuke usuncibilike ngempela.
Imvunulo yasembhedeni yenza owesilisa akhuthale, kuvuke imizwa ngokushesha. Phela usuke uhalisa, noma ngabe ugqoke hloboluni lwemvunulo inqobo nje uma iyinhle futhi ikuhlala kahle. Ziningi izinhlobo zemvunulo yaselawini futhi zibukeka ngokwehlukile. Iningi labantu besifazane linazo futhi liyazifela ngayo kanti nombhali wenu, uMaGumede unayo. Abanye bayayithanda nje ngaphandle kokugqokela owesilisa, abanye bashutha ngayo. Bakhona abesilisa abayithandayo imiswenko yasekamelweni kodwa iningi alinandaba nemisweswe egqokwayo ukuheha owesilisa kodwa lizifunela leyo mpahla nje kuphela. Abanye besilisa bayithanda kabi bathi yenza induku isheshe iphakame bathi bathanda ukuzikhumulela bona umuntu wesifazane uma egqoke leya shandisi.
Ziningi izinhlobo zemvunulo yaselawini, kukhona eyimisweswe eveza izinqa nekhofonoza, bese ziba nezisefo emlenzeni ukuyoshaya emathangeni. Ezinye ziyimgaxo wena owabona amankilesi bhande kanti kukhona namabhande owesifazane afaselwa ngawo embhedeni, afakwa emaqakaleni, nokwasezandleni okubukeka njengozankosi bese evala amehlo ngokuthile. Abanye bayathanda ukulalana befasene kodwa kungathi yilaba ababuka amafilimu ocansi. Abanye bathi bayawusaba lo shuni wokufaswa bafuna ukumbamba ngezandla umuntu khona bezomuzwa kahle uma benza ucansi.
Ngisho ungasagqokanga okuyimisweswe okanye ungasafaswanga embhedeni kodwa izinto zokulala mazibukeke zihehe. Bathi idilozi alifane nobhodisi futhi kube ngelinezisefo elibonisa ikhofonoza eshefiwe. Kuhle kwemfaduko okanye indwangu emboze ukudla, lokho kwenza lowo ozonikezwa ukudla aconse amathe. Kumenza ajahe ukukwembula akudle, noma ngabe akumnandi kodwa uma isitsha sihlanzekile nendwangu iyinhle, kuyadleka.
Uqikelele imvunulo oyithengayo yileyo ekufanelayo, ungagqoki into engakufaneli ngoba izowisa induku yesivakashi. Mgqokele, ufake ibhantshi ngaphezulu bese umshaya nge Tadaaa!.