Umbuzo
MaGumede, ngingowesilisa oshadelwe. Unkosikazi wami ngamthola enabantwana ababili ngamthatha nabo ngoba base behlukene nobaba wezingane futhi izingane zihlala kubo kwazo. Sibe sesithola umntwana womfana sobabili. Inkinga iqale uma engasafuni ngimfake isiphandla elokhu ethi usemncane. Ngisho kunomcimbi lapha ekhaya ubengafuni ingane ibe sendlini okushiswa kuyona impepho nokudale ukuthi ngibe nezinsolo. Ngibe sengenza ulibofuzo isinyenyela ezindaweni ezimbili ezihlukene ngathola ukuthi ingane akusiyo eyami. Ngimbuzile wagcina esho ukuthi ekababa wezingane zakhe, angazi ngenzenjani kuyimanje ngisangene ikhanda.
Impendulo
Kukhombisa ngokusobala ukuthi unkosikazi wakho ubengahlukene nobaba wezingane zakhe, bebeqhubeka nokulalana yize eseshade nawe. Njengamanje konke kukuwena. Uma ubona lento ayenzile ingaxoleleka niphinde nikwazi ukuqhubeka nomshado wenu, kumele nihlale phansi nikhulume. Kodwa uma uzwa ukuthi lokhu kuyitshe elingasoze laphela enhlizweni yakho, vele ucele isehlukaniso zisuka ukuze ningaze nihlalisane kabi noma nihlukumezane. Kumele nawe uthole ukwelulekwa ngokwengqondo ngoba okukwehlelile kungenzeka kudale ubunzima ekutheni uphinde wethembe umuntu wesifazane. Yebo, ziningi izinto ezikulahlekele nezisazokulahlekela uma usufaka isehlukaniso kodwa kungcono ukufa kanye uqale phansi impilo kunokuhlala entweni engasakuthokozisi. Kukho konke okwenzayo ungalinge uhlukumeze ingane obuthi eyakho, ayenze lutho yona. Ngiyakucela uzame ngoba ngiyazi kuyenyukela. Kumele ukubike lokhu nasekhweni lakho ukuze konke okuzokwenzeka manje nabo bakuqonde.