SEKUYISO leso sikhathi sokuphela konyaka lapho kucaca khona abantu abathandana ngokweqiniso nabadlalayo. Lena yinyanga embi impela kwabayizithandani ezintekenteke nezingazazi ukuthi zifunani.
Izithandani eziningi ziyaxabana uma sekuyisikhathi samaholidi okuphela konyaka ngoba wonke umuntu usuke ephithizela. Abanye basuke begoduka bebheke emakhaya lapho bezofike babonane nezidala zabo.
Esikuqaphelayo ngale nyanga ukuthi ivamise ukuqhatha kakhulu izithandani futhi kujwayelekile ukuthi kubangwe amabhonasi, okanye kubangwa ukuthi omunye ugodukile akasatholakali efonini noma omunye ujolile emakhaya.
Abanye kuyenzeka uthole ukuthi bahlezi ndawonye kodwa kuzoxatshanwa kubangwa ukuthi omunye uphuma eyothenga isinkwa aze abuye ngakusasa. Kuningi nje okwenzekayo nokuqhatha izithandani ngalesi sikhathi sonyaka.
Elawini likaMagumede namhlanje sithe ake sithathe ithuba siluleke abantu ngalokhu ngoba siyazi ukuthi mhlawumbe sikhuluma nje, sezikhona izithandani ezishiphelene njengoba inyanga iqalile.
Akuwona umqondo omuhle ukuxabana nesithandwa sakho nixatshaniswa inyanga yobumnandi. Uma nixabana, nihlukana manje ngonyaka ozayo nizomisa kanjani?
Nizothola abanye abantu futhi? Nizoqala uthando olusha noma nizoxolelana? Abantu abathandana ngokweqiniso ngeke bavume ukuqhathwa uZibandlela, yingakho kufanele uzifundise ukugwema izinto ezizophoxa isithandwa sakho. Uyazazi izinto umuntu wakho angazithandi, asikho isidingo sokuthi wena uzenze. Thina sikubuka njengomuntu oziphathisa okomntwana uma uzogajwa wubumnandi noma amankwebevu uze ukhohlwe ukuthi unomuntu omthandayo.
Asikho nesidingo sokunyamalala nabangani ungasho, kanjalo nokuziba umuntu othi uyamthanda kuwubulima lokho. Angiyiphathi-ke eyalaba abazogoduka bafike bajole nezidala zabo emakhaya. Kungani ungavele ubuyelane ne-X yakho ngoba kuyacaca ukuthi nisathandana noma nithandana uma nibonana kuphela? Ngifisa bonke abantu baziphathise okwabantu abadala kulesi sikhathi sonyaka. Umenzele nje iqiniso umuntu wakho omthandayo nize ningene kunyaka ozayo nijabulile. Ngicela singajabuli size sibhayize simoshe uthando lwethu bese ngonyaka ozayo siyazisola.
Noma ngabe ujabule kanjani kodwa uzinakekele ungeqiwa amankwebevu bese uyalahla ngoba lokho kuzobe kuchaza ukuthi wena awumhloniphi umuntu othandana naye.
Elawini likaMagumede sifisa zonke izithandani ziphushe zize zingene kunyaka ozayo. Nisiphe nkosi yami nemali yamabhonasi ngoba nayo iyaxabanisa.