UMBUZO
SAWUBONA maGumede. Ngibhala nje, izinyembezi zigcwele amehlo dadewethu ngoba angisazi ukuthi yikuphi okumele ngikwenze. Ngingowesifazane oshadile kodwa selokhu ngashada angikaze ngikuthole ukujabula kulo muzi Nkosi yami. Ngize ngizisole ukuthi kodwa ngangishadela into ebheke kuphi ngempela. Lo bhuti engishade naye akangihlukumezeli ukuthi makube kuhle bakithi. Uyangithuka, angishaye. Athi anginamsebenzi walutho futhi wenza iphutha ngokushada nami. Akugcini lapho, uphinde angifune ucansi ngenkani, enjalo nje uyafeba kangangoba uma ethanda akalali nhlobo ekhaya. Ngicabanga nokufuna isahlukaniso MaGumede ngoba sengikhathele wukuphila le mpilo yokuhlukumezeka phambi kwezingane zami futhi nazo ziyabona ukuthi asijabulile lapha ekhaya. Ngicela ungibonise MaGumede, ngenze njani?
IMPENDULO
SAWUBONA sisi wami. Eish! Ibuhlungu-ke impilo oyiphilayo, ngendlela oyichaza ngayo. Uma uyoshada nomuntu, ushada naye ngoba umthanda, naye ekuthanda futhi kusuke kufanele niyohlala ndawonye emzini wenu. Nijabulisane. Kubukeka sengathi umyeni wakho kukhona lapho esegxile khona ngoba abanye abantu besifazane bayayiphatha bo imithi. Mhlawumbe kukhona owesifazane odlale ngaye, wamsebenza. Ngicela sisi wami indaba yesahlukaniso kube yinto yokugcina emqondweni wakho kodwa ngicela usukume unyakaze ntombazane. Umlwele umyeni wakho, uhluleke uzamile. Ungathuli futhi nalolu daba, lubike emndenini ngoba lo myeni wakho uzogcina ekubulala njengoba esekwazi nokukubeka isandla nje. Sukuma sisi wami, uyofuna usizo nakubantu ukuze kulapheke umyeni wakho. Ngikufisela inhlanhla.