Umbuzo:
Ngiyabingelela eLawini likaMaGumede. Sisi wami ngisize la, nginengane enezinyanga ezinhlanu nentombi yami ekhulelwe ngingayethembi. Bekunomlisa ebengihlale ngimphunga, bethandana naye kodwa bagcina behlukene. Emva kwaleso sixakaxaka, uvele wakhulelwa. Ngiyamukelile ingane kodwa manje inkinga uma ngibuka ingane, kukhona engingakuboni kahle. Ngiyamazi lowa mjita MaGumede. Ngiyakhanya ngebala kodwa ingane yami imnyama su. Unina ukhanya kakhulu ngebala. Ngiyazibuza ukuthi ngempela ngabe eyami le ngane. Sekunzima nokuthi ngiyibuke. Okwenza kube nzima wukuthi sihlala ndawonye futhi kuyenzeka angishiye nayo ingane uma engena ebusuku emsebenzini. Ngisize ntombi, ngenze njani?
Impendulo:
Kulula nje bhuti wami, musa ukulokhu uziphathisa ngekhanda. Khuluma nomama wengane, umtshele ukuthi awukhululekile ngenxa yokuthi kuke kwaba nokumsola. Umtshele ukuthi ucela nenze ulibofuzo. Ayihluphi nje le!