NAMHLANJE sizoxoxa ngokubaluleka kokuya ocansini ekuseni, okubizwa iMorning Glory. Ongoti bezocansi bathi kubalulekile ukuya ocansini ekuseni ngaphambi kokuba uqale imisebenzi yosuku.
Siyazi ukuthi owesilisa uvuka ekuseni induku yakhe ime mpo! Ongoti bathi uma eya ocansini ekuseni kuyamsiza ukuthi amabhola akhe ukuthi angabi buhlungu ngoba usuke eseyikhiphile into esuke imhlupha yenza kume itende. Nakowesifazane futhi ucansi ekuseni lwenza abe nokuzethemba ngoba esikhathini esiningi ucansi luhambisana nokuwotawotana, nokutshelana ukuthi niyathandana. Owesifazane uma evuka enqunu phambi komuntu athandana naye ebese loyo ekhombisa ukumfuna futhi ngaphambi kokuthi bageze, owesifazane uzizwa enokuzethemba futhi emuhle kakhulu ekhanga kumuntu wakhe. Lwenza nokuthi usuku lomuntu luqale kahle.
Indlela enhle yokuqala usuku wukuthi ‘ucoshe u-one’ uchame, uqatshulwe okungenza nokuthi owesifazane azithole emamatheka usuku lonke.
Kosuke eya msebenzini, yindlela yokuqala kahle usuku nomqondo uhluzekile ngoba uma ufinyelela kuvuthondaba, ukhwantalala luke luthi ukukuxega kancane. Kulabo abaphethe emsebenzini, nolaka lusuke luzothi ukudamba.
Ucansi ekuseni lwenza kube lula noluthembeka kothandiweyo wakho ngoba ayikho into esuke izokwenza ubheke ungxenye, uzisuthele futhi nenhliziyo yakho igcwele. Ongoti baze bathi akulula ukuthi uthatheke ngokuqhubeka kosuku noma ngabe ubona hloboluni lomuntu awubi nandaba ngoba usuke unikwe wadela ekuseni.
Ngaphandle kwalokhu okungenhla, ucansi ekuseni lwenza kube lula nokuvuka noma ngabe ulale kunzima kodwa uma uke wathintwa othandiweyo wakho nazithokozisa ngocansi, yonke into iba lula.
Kulabo okuthi uma bebuya emsebenzini bafune ukuqala kwezinye izindawo, ucansi ekuseni lwenza ukuthi uphume emsebenzini uqonde ekhaya ngoba kulula ukukhumbula isithandwa sakho uma nivuke ngocansi.
Nalo nje usuku ongoti bathi awuluzwa ngoba usuke ujahe ukubuyela ekhaya kumuntu omthandayo futhi okwanelisayo.
Ngaphandle kwalokhu esesikubalile kodwa ucansi kuyaziwa nje ukuthi lwehlisa ukhwantalala, amajaqamba nokuphathwa yikhanda ngenxa yengcindezi yomsebenzi osuke uzobhekana nawo osukwini. Kubalulekile ukuthi abantu bazijwayeze ukujabulisana ekuseni ngaphambi kokuthi baqale usuku. Nodokotela bayakufakazela ukuthi ucansi lwasekuseni yilona olumqoka ukudlula yonke eminye imizuliswano. Bagcizelele ngokuthi noma ngabe awuhlali naye umuntu wakho kodwa zamani ukuthi okungenani nibenalo usuku olulodwa evikini lapho nizovuka khona ndawonye.