IMOTO: SUZUKI XL6
ISUZUKI ilokhu iqhubeke njalo nokukhula eNingizimu Afrika nokusizwa nawukwethula kwayo izimoto ezintsha. Le nkampani ilokhu ibadobe njalo abathengi ngezimoto zayo ezinhlobonhlobo.
Enye yazo yiXL6 okuyi-sport utility vehicle (SUV) efike ngo-Agasti, nyakenye. Ngeke ngimsole omunye uma engathi iyi-multi-purpose vehicle (MPV) kodwa kuleso sigaba le nkampani ine-Ertiga.
Angisale sengikutshela okwenza iXL6 ne-Ertiga – esengiyibona yanda nengikholwa wukuthi ukuthathwa kwayo yiToyota bona abayibiza ngeRumion – kunomthelela omkhulu.
I-Ertiga ilayisha abagibeli abayisikhombisa kanti i-XL6 yona ithwala abayisithupha ukuhlanganisa nomshayeli.
Ngike ngacabanga iHyundai Grand Creta njengembangi kodwa yona ilayisha abagibeli abayisikhombisa.
Izihlalo zeXL6 zihamba ngazinye, zihlukene nokwenza abagibeli nangemuva bahlale ngokukhululeka. Ngiyakuthanda ukuthi kwezaphakathi nendawo kunezindawo zokuphumuza ingalo. Kwezokugcina kungaba kuhle ukuhlalisa abantu abangekho bade, abazokhala ngokumpintsheka amadolo.
NjengamaSUV amaningi, ukwandiswa kwezihlalo kudla ebhuthini ngoba isikhala asikho sikhulu kangako. Okuhle kodwa wukuthi uma ungenabo abagibeli uyakwazi ukulalisa izihlalo ulayishe imithwalo yakho. Uyakwazi futhi nokulalisa esisodwa.
Okunye engingakuthandi, ukushoda kwezindawo zokushaja nge-USB kubagibeli bangemuva, kunalokho bafake izimbobo ze-12V. Ngiyakuthanda nokho ukuthi kunezindawo zokuphumuza izingalo kanjalo nezokukhipha umoya we-aircon.
Ngaphambili ayikho into engakudida. Kune-touchscreen infotainment system oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto okanye ngeBluetooth, udlala umsakazo uphinde ubone khona nengemuva uma uhlehla.
Ngiyakuthanda ukuthi indawo yokubeka iziphuzo uyakwazi ukuyiqandisa.
Kwezokuphepha bayifake ama-airbag amabili ngaphambili, indawo yokufaka isihlalo sengane, anti-lock braking system, electronic brake-force distribution (EBD), electronic stability programme (ESP) futhi ayihlehli uma uyisusa endaweni enyukelayo.
Ihamba ngenjini engu-1.5 litre kaphethroli engenayo i-turbo. Inamandla angu-77kW ne-torque engu-138Nm. U-gearbox uyi-4 speed auto.
Angiqale ngokuphawula ukuthi ukuphakama ngo-180mm kwayo ngiyakuthanda ngoba kwenza uhambe ngale kovalo ngisho noma usugibela ama-speed humps.
Emgwaqweni ovulekile inakho ukuba nomsinjwana womoya ngaphakathi.
Ngale kwalokho, ngiyizwe ihamba kahle emgwaqweni ngale kwenkinga. Kube yikho ukuthi uma usukhuphuka izintaba uzwe umsindo usuyehlisa amagiya.
Isikhathi esiningi ngisichithe edolobheni nokuyingakho indlela ebidla ngayo uphethroli ibingu-7.9l/100km. Kungaphezulu kunabakusho kwaSuzuki ukuthi idla 6.1l/100km.
Intengo:
Suzuki XL6 1.5 GLX 4 AT- R 370,900
Ifika ne-service plan yeminyaka emine noma u-60 000km, i-warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka eyisithupha.