IMOTO: BMW 7 SERIES
IQHAMUKA nje iBMW 7 Series iyixoxa iphelele indaba yokuthi ophakathi ngumuntu osuthayo, okanye yisikhulu esithile, ngenxa yokubukeka kwayo.
I-7 series ineminyaka engaphezu kuka-40 ikhona futhi eyakamuva yinhlobo yesikhombisa.
Isizakhele ugazi kwabafuna imoto enhle ngaphandle, ewubukhosi ngaphakathi, inobuchwepheshe futhi ekubeka lapho uya khona ungakhathele nakancane.
Eyakamuva yakhelwe kakhulu phezu kwesisekelo sendala njengoba iwadonsa amehlo kungakhathalekile noma yisebusuku.
Yize ukuyishayela kungewona umsebenzi onzima kodwa ukuhlala ngemuva yikhona okumnandi kakhulu.
Ngizithole sengiphenduka umshayeli ngihamba ngayo ngicelwe ukuhambisa umfundi kwi-matric dance yakhe oLundi.
Ngisendleleni ebheke khona, izinga le-7 Series lizihlalele obala ngoba umsindo wangaphandle kawungeni nhlobo ngaphakathi ngendlela ethule ngayo.
Umsindo oze uwuzwe ngowomculo owudlala ngezipikha ezikhala kamnandi zeBowers & Wilkins Diamond Surround System. Omunye, engingawuthandi, ngowokuphuma komoya nge-aircon ngoba uma uyivule kancane ayizwakali kudinga uthi ukuyinyusa kwazise selethwese ihlobo okubanga umsindo.
Inkulu futhi yinde iwuhuntshu kodwa uma ususesiteringini uyakukhohlwa konke lokho. Empeleni isinkudlwana kunendala futhi ne-wheelbase bayinyuse ngo-5mm yaba ngu-3 215mm.
Injini ngekaphethroli engu-3.0 litre six-cylinder ene-48V mild hybrid technology. Inamandla angu-280kW ne-torque engu-540Nm. Igearbox ingumshini ozishintshayo oyi-eight speed Steptronic.
Yimoto enkulu futhi esinda ngaphezu kuka-2000 kg kodwa ngiyizwe inganqeni ukunyusa ijubane. Empeleni bathi ukufika ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-5.4. Ijubane elikhulu ngu-250km/h.
Ngingakakhohlwa, uma ithangi likaphethroli elingu-74 litres ligcwele, ithi ungahamba ngaphezu kuka-1 000km. Ngigcine ngihamba amakhilomitha alinganiselwa ku-800 idla 8.0 ngo-100km ngaphambi kokuyoconsisa egaraji sengiyibuyisela emuva.
Ngize ngayongena oLundi ngisuka eThekwini kungekho nokuncane ukukhathala okusizwa kakhulu wukuthi ine-adaptive air suspension eyenza uxoxelwe ngendaba ukuthi imigwaqo ayiyinhle, ikakhulukazi lapha ngaseMelmoth. Amabhampu aphelela emasondweni bese ningezwa lutho ngaphakathi, ngaphandle uma lilimbi ngempela.
Izihlalo zesikhumba nazo zinomthelela ngoba zintofontofo. Amajika aKwaNdundulu iwashaya ungakuzweli kangako ukuthi yinkulu. Ngike ngashayela iMercedes-Benz S-Class kancane ezinyangeni ezedlule. Emakhoneni engangiyizwa, ikukhumbuza ubukhulu bayo ngoba umzimba wawuthi ukulala mbijana uma ushesha.
Sisakhuluma ngokushesha, uZabanguni Mfeka obeya kwi-matric dance naye ufike esephuthuma sengilinde ukumthatha ngimusa emcimbini wakhe kwazise isikhathi bese siqala ukuhamba.
Ubesehlome ngezingqwembe ze-number plate ezibhalwe u“Mnguni” okuyisithakazelo sakubo.
Uthe angafaka umswenko wakhe esesondela emotweni, ngabe ngiciphiza ibhathini kukhiye savuleka isicabha sangemuva ngakwesokunxele lapho ehlale khona. Zonke izicabha ziyazivulekela ziphinde zizivalekele, nokungeye yezinto ezintsha kwi-7 Series.
Lena bayifake i-executive lounge package ka-R97 000 eyenza ukuthi isihlalo siqethuke uhlale unabe ngoba esangaphambili siqhela ngo-110mm. Inkinga ukuthi uma wenze lokhu umshayeli akasiboni kahle isibuko eceleni.
Nakwendala kwakukhona lokhu kodwa umehluko omkhulu manje wukuthi awasekho ama-screen ayengemuva kwezihlalo zangaphambili. Kunalokho i-screen sesisodwa, sikhulu, sivumbuka okhakhayini.
Ngiyamtshela uZabanguni ukuthi akahlale anethezeke ngabe sengimkhombisa ngasesibambweni sesicabha i-touchscreen encane yokulawula konke akudingayo ngemuva.
Ithelevishini uyilawula khona, wenza izihlalo zikuwotawote, uvala amakhethini, uhlela amazinga okushisa ngemuva nokunye.
Engikuthandayo wukuthi nami mshayeli, nginawo amandla okulawula ezinye zezinto ezenzeka ngemuva njengokuvula nokuvala amakhethini kanjalo nethelevishini ngoba uma kuvaliwe kuthanda ukwenza kube nzima ukujeqeza emuva ngesibuko.
Okuningi ngikulawula kwiBMW curved display egqame kahle ngoba indaba yoxhaxha lwamabhathini yinto engekho la. Iveza nenkombandlela, ingaphandle uma upaka, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay nokunye.
Sengipaka akuyona into enzima ngoba amakhamera asemzimbeni avele ayiveze yonke kwi-screen se-infotainment.
“Mfeka, nguwe lo?!” kubabaza okungathi ngothisha uma ngehlisa iwindi ngalapho kuhleli khona uZabanguni. Babuza nje, badonsa amaselula bayamshutha, babiza nozakwabo yena ophethe ikhamera.
I-7 Series ayizibeki ngoba iyawadonsa amehlo. Igrille enkulu isizishaya sasikwele ihlukile kuneyakuqala futhi ebusuku iyakhanya.
Amalambu angamaLED uma imile ungathi ayanyakaza kanti ebusuku ungacosha ngisho inaliti ngendlela awukhanyisa kahle ngayo umgwaqo.
Amarimu ayo ezinhlangothini mahle angu-21 inch. Okunye okudonsa amehlo wukuba kwayo nombala ohlukile emzimbeni ongafani nengaphezulu nokhakhayi. Uyenza ibukeke kahle futhi uma unganakile sekuhwalele ungazitshela ukuthi imnyama kuze kuba usondela eduze.
Amalambu angamaLED akhona nangaphakathi. Okhakhayini nje ebusuku, ubona kahle ikhanya njengoba ine-panorama skye lounge.
Intengo:
BMW 7 Series M Sport - R 2 300 000
Ifika ne-motorplan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.