IMOTO: TOYOTA VITZ XR
Kule minyaka embalwa eyedlule iToyota isiyishintshe cishe kabili imoto ewumncanyana eyidayisa emakethe yakuleli.
Ngo-2011 bethula okokuqala i-Aygo okwaba yiyo ekufaka emndenini wakwaToyota ngenxa yokuthi yiyo eyayishibhe kunazo zonke.
Ngiyakhumbula ngo-2015 kwethulwa entsha eThekwini sigudla ngayo ngasenkundleni iMoses Mabhida Stadium.
Kuphelile ngayo ngo-2020 ngesikhathi sekufika i-Ayga eyayakhiwe ngokubambisana nabakwaDiahatsu isuselwa kwi-Ayla.
Izembe liyigawulile i-Ayga njengoba manje sekufike iVitz. Uma uyibona ngathi ijwayelekile yingenxa uyokuthi isuselwe kwiSuzuki Celerio.
Ubudlelwano bakwaToyota neSuzuki sebuzale iStarlet esuselwe kwiBaleno, Rumion ezalwe yi-Ertiga ne-Urban Cruiser esuselwe kwiSuzuki Vitara Brezza.
IVitz inenjini engu-1 litre enamandla angu-49kW netorque engu-89Nm. Inogearbox oshintshwayo onamagiya ayisihlanu.
Yimoto encanyana yokuhamba edolobheni okungasho ukuthi emgwaqeni ovulekile ayingeni. Ungayibamba kuthelawayeka kodwa kumele ukulindele-ke ukuthi isivinini uma sesinyuka sidlula ko-80km/h, umsindo womoya ngaphakathi uzowuzwa.
Ezindaweni ezenyukelayo kumele wehlise namagiya ulande amandla.
Kuphethroli bathi idla amalitha angu-4.4 ngo-100km. Kimi ibidla angu-6.4 kodwa okungenzeka ukuthi ibiseyintsha nenjini ingakahambi kahle.
Kuyasiza ukuthi ezokuphepha baziqinise ngamabhreki angama-anti-lock braking system, ama-airbag ngaphakathi nendawo yokufaka isihlalo sengane. Uma upaka mancane amathuba okuthi ushayise ngoba inamasensor.
Kulula futhi nokuyipaka ngoba isiteringi asisindi.
Ngaphakathi ayinazo izinto ezitheni kepha inokudingayo njengetouchscreen infotainment system encane. Uxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, Bluetooth, aircon namawindi kagesi.
Incane kodwa abagibeli bayakwazi ukungena bahlale kahle futhi nebhuthi ingu-295 litres. Uyakwazi nokuyinyusa ngokulalisa izihlalo zangemuva.
IVitz ikahle kubantu abafuna imoto yokuziqhubela impilo bengasebenzisi nezithuthi zomphakathi kanjalo nakulabo abafuna imoto encane eyongayo.
Ngaphandle kweSuzuki Celerio, enye imbangi eseduze yiHyundai Atos eqala kuR199 900. Inamandla athe xaxa kodwa idla kakhulu kuphethroli, inebhuthi encane, iservice plan ngeyonyaka owodwa kodwa iwarranty ngeyeminyaka emihlanu noma u-150 000km.
Intengo:
Vitz 1.0 XR MT – R 219 900
Ifika neservice plan yeminyaka emibili noma u-30 000km newarranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.