Uvulwe kabi unyaka embonini yezimoto eNingizimu Afrika kulandela ukudayiswa kwezimoto isibalo esincane sezimoto ngoJanuwari uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo nyakenye, ngokusho kwe-Naamsa.
Ikhipha izibalo, i-Naamsa ithe kudayiswe izimoto ezintsha ezingu-41 636 nokuyisibalo esehle ngo-1 658 noma u-3.8% uma kuqhathaniswa no-43 294 owadayiswa ngoJanuwari 2023.
Lokhu kwehla kuqale ezinyangeni ezinhlanu ezedlule zokuphela konyaka uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngo-2022.
Isikhulu se-Naamsa, uMikel Mabasa, sithe ukucinywa kukagesi, inkinga emachwebeni nokunyuka kwezinye zezinto ezithwalisa kanzima imboni.
Izimoto ezadayiswe ngaphandle kwakuleli zibe ngu-20 242. Yisibalo esehle ngo-442 noma u-2.1% uma kuqhathaniswa no-20 684 owaphuma ngoJawarir 2023.
Kuzona zonke izimoto ezingu-41 636 ezidayisiwe, ezilinganiselwa ku-35 108 noma u-84.3% zithengwe emagaraji, u-11.5% uthengwe yizinkampani eziqashisa ngezimoto, u-2.2% kube ngowezinkampani kwathi u-2.0% wathengwa wuhulumeni.
Izimoto ezincane zehle ngo-2 073 zaba ngu-28 790 ekubeni ngoJanuwari nyakenye kwakudayiswe ezingu-30 863.
Kuma-light commercial vehicle, amaveni namatekisi sinyuke ngo-248 isibalo saba ngu-10 871.
Amaloli aphakathi nendawo abe ngu-520 kwathi amaloli amakhulu anyuka ngo-106 aba ngu-1 455 athengiwe.
Izinkampani ezidayise kakhulu yilezi:
Toyota - 10 607
Volkswagen Group SA - 5 490
Suzuki Auto - 5 235
Ford Motor Company - 2 391
Nissan - 2 315
Hyundai Automotive SA - 2 171
Isuzu Motors SA - 1 405
Haval Motors SA- 1 463
Chery Auto SA - 1 425
Renault - 1 411