UMPHATHISWA wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Sboniso Duma, useqinisekise ukuthi sekuqalwe uphenyo mayelana nengozi edlule nemiphefumulo yabangu-18, yashiya ingane encane isesimweni esibi emgwaqweni uVan Reenen's Pass, ngoMsombuluko ebusuku.
Le ngozi ibibandakanya iloli, itekisi nemoto encane kanti nomshayeli weloli kubikwa ukuthi ubalekile endaweni yesigameko futhi kusaphenywa ngembangela yengozi.
Kuphazamiseke ukuhamba kwezimoto njengoba bekuvalwe eTugela Plaza, kukhucululwa.
Okhulumela uMphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa KwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Ndabezinhle Sibiya ekhuluma nabezindaba uthe: "UMphathiswa uDuma udlulisa amazwi endunduzo emindenini yalabo abalahlekelwe. Uphinde waqinisekisa ukuthi uphenyo luqaliwe ukuthola imbangela yengozi. Umphathiswa ukhathazekile ngesibalo sezingozi eziqhubeka nokwanda esifundazweni ngenxa yemvula enamandla," kusho uSibiya.
USibiya uthe kulaba abangu-18 abaphangalele, zine izingane ezilahlekelwe yimpilo.
Khonamanjalo: Izolo ekuseni, ibhasi ebelithwele abagibeli abangu-57 emgwaqweni omkhulu u-N3 lishayisane neloli kwalimala iziguli ezine, kwathi ezingu-10 zalimala kanzima, ezine zathola imihuzukwana.
Abosizo oluphuthumayo bakwa-IPSS Medical Rescue babe sebephuthumisa esibhedlela abalimele.
UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uyaqhubeka nokuqwashisa abashayeli ukuthi baqhubeke nokuqaphela emigwaqweni njengoba imvula enamandla iqhubeka nokuyidliva esifundazweni.