Kubuye ithemba kwabemboni yezimoto ngesikhathi kunyuka isibalo sezimoto ezintsha ezidayiswe ngo-Okthoba nonyaka.
Ngokwezibalo ze-naamsa | The Automotive Business Council, zibe ngu-47 942 izimoto ezidayisiwe. Lesi yisibalo esinyuke ngo-2 506 noma u-5.5% uma kuqhathaniswa no-Okthoba 2023.
U-Okthoba ube yinyanga okudayiswe ngayo izimoto ezintsha eziningi njengoba udlule ezangoJuly ngo-3,695.
Kuzona zonke izimoto ezingu-47 924 ezidayisiwe, ezilinganiselwa ku-38 520 noma u-80.4% uthengwe emagaraji, u-14.8% uthengwe yizinkampani eziqashisa ngezimoto, u-2.6% kube ngowezinkampani kwathi u-2.2% wathengwa wuhulumeni.
Isigaba sezimoto ezincane yisona esinyuke kakhulu. Zibe ngu-34 228 okuyisibalo esinyuke ngo-4 331 noma u-14.5% uma kuqhathaniswa no-29 879 owadayiswa ngo-Okthoba nyakenye. Izinkampani eziqashisa ngezimoto kuthiwa zithenge u-19.8% wazo.
Izibalo zezimoto ezingama-light commercial vehicle, amaveni namatekisi zehle ngo-1 576 njengoba kuthengwe 10 791.
Kumaveni aphakathi nendawo kudayiswe 718 (kwehle ngo-81) kwathi kwamakhulu namabhasi kwathengwa angu-2 187 nokuyisibalo esehle ngo-799.
Izimoto ezidayiswe ngaphandle zibe ngu-23 342. Yisibalo esehle ngo-17 324 noma u-42.6% uma kuqhathaniswa no-40 666 owahamba ngo-Okthoba nyakenye.
Isikhulu se-naamsa, uMikel Mabasa, sithe ukudayisa kahle kwezimoto ngo-Okthoba, ikakhulukazi ezimotweni ezincane, kuyizinkomba zokushintsha kwemoto.
“Yize kwesekwe kakhulu wukuthenga kwabezimoto eziqashisayo nokuyinto eyenzeka ngaleso sikhathi, isigaba sezimoto ezincane sikhombisa ngokusobala ukuthi amakhasimende akusiphi isimo,” kusho uMabasa.
USihlalo weNational Automobile Dealers’ Association (NADA), uBrandon Cohen, uthe izindleko ziseyinkinga kubathengi.
“Le ngcindezi ikhona ezweni lonke. Sibona izinkampani zaseChina zidlondlobala zinikeza amakhasimende izimoto ezishibhile futhi ziyayishintsha imboni,” kusho uCohen.
Uthe yize u-Okthoba ukhombisa izimpawu ezinhle kodwa izibalo zokuthengwa kwezimoto kusuka kuqale unyaka kuze kube manje ziveza esinye isithombe.
Izimoto ezincane esezidayisiwe zingu-286 398 okuyisibalo esehle ngo-1.4% uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo nyakenye.
Nazi izimoto ezidayise kakhulu:
1.Toyota Hilux - 2,793
2.Volkswagen Polo Vivo - 2,297
3.Ford Ranger - 2,217
4.Toyota Corolla Cross - 2,104
5.Isuzu D-Max - 1,807
6.Volkswagen Polo - 1,425
7.Toyota Starlet - 1,358
8.Hyundai Grand i10 - 1,280
9.Suzuki Swift - 1,179
10.Suzuki Fronx - 1,109
Ngokwezinkampani, nazi ezingu-10 ezidayise kakhulu:
•1. Toyota – 11 891
•2. Volkswagen – 6 340
•3. Suzuki Auto – 6 006
•4. Ford – 2 965
•5. Hyundai – 2 913
•6. Isuzu – 2 251
•7. Chery Auto – 1 831
•8. GWM – 1 796
•9. Renault – 1 734
•10. Kia – 1 508