Kuphinde kwehla ukudayiswa kwezimoto ezintsha eNingizimu Afrika ngoMashi, ngokwezibalo ezikhishwe yi-Naamsa.
I-Naamsa ithe ukungabi nentshisekelo kwabathengi kanjalo namaholidi ePhasika, kube nomthelela ongemuhle ekudayiseni.
Isibalo sezimoto ezidayisiwe sibe ngu-44 237 nokuwukwehla ngo-5 877 noma u-11.7% uma kuqhathaniswa nezingu-50 114 ezadayiswa ngoMashi nyakenye.
Nasezimotweni ezidayiswe ngaphandle isibalo sehlile njengoba zibe ngu-24 161 ekubeni okuyisibalo esinciphe ngo-8 975 noma u-27.1% uma kuqhathaniswa no-33 136 owaphuma nyakenye.
Kuzona zonke izimoto ezingu-44 237 ezidayisiwe, ezilinganiselwa ku-39 016 noma u-88.2% udayiswe emagaraji, u-6.0% uthengwe yizinkampani eziqashisa ngezimoto, u-3.5% uthengwe nguhulumeni kwathi u-2.3% kwaba ngowezinkampani.
Izibalo ziqhubeke nokwehla okuyinto eqale ezinyangeni eziyisishiyagalombili ezedlule. I-Naamsa ithe izibalo zehle ngo-5.3% kule kota uma kuqhathaniswa nekota yokuqala ngo-2023.
Ithe enye imbangela yalokhhu wukwenyuka kwenzalo yemali mboleko, eyezindleko zokuphila kanjalo nentengo kaphethroli futhi kwenza abathengi babheke kakhulu izimoto ezibiza kangcono.
Ngokwezinkampani, iToyota Motors South Africa iqhubekile nokuzihola phambili njengoba idayise ezingu-11 109.